DStv Premiership

BUKA: Ujabulise amabhinca uMofokeng ejabulela igoli

  • Intatheli yeLISENETHINI

UMofokeng nguye ovule inkundla ngesikhathi eshaya igoli lePirates ibhekene neCape Town City ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo bekungowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 kanti uphele zibamnbene ngo 1-1. 

Bekungumzuzu ka-15 ngesikhathi uMofokeng eshiya eThami Mkhize engazi lidumephi, qede wayolinamathisela enethini. 

Ubethole ibhola elide elithunyelwe uThabiso Sesane esemuva, walibamba ngehlombe, wadlula sengathi akekho uMkhize.

Yize uDarren Keet ezamile ukulivimba, lisuke kuye lawela enethini, kwaduma inkundla eCape Town Stadium. 

Usuke lapho wagijima waya ekhoneni eyojabulela leli goli lakhe. Ozwakwabo ubakhombise ngesandla ukuthi abame kancane.

Ube esegiya, eshaya ingoma kamnandi, ekhombisa indlela yakhe entsha yokujabulela amagoli. 

Le ndlela agiye ngayo ivamise ukwenziwa ngabantu abathanda amasiko abo, ikakhulukazi awesiZulu futhi babizwa ngamabhinca. 

Wothi singandi kakhulu singaze sone into yengane iyinhle, zibukele nayi ividiyo ngezansi: