AmaZuluEzintsha

Ukhalela u‘Dlamini’ owezemidlalo kuhoxa Usuthu

  • Alfred NGUBANE

Usuthu lucele ukungafakwa emidlalweni yePrince Mangosuthu Legacy Cup ezoba soLundi ngoSepthemba 6. 

Leli qembu likhale ngokuthi iPrince Mangosuthu Regional Stadium okuzodlalelwa kuyo le midlalo ayililungele futhi belizodlala ukuba kusetshenziswa enye. 

Likhale ngokuthi lalinyalelwa abadlali abaningi ligcina ukudlala khona ngenxa yesimo sayo esingesihle. 

Manje uKhawula uthi lokhu kumphoxile ngoba ubebheke ukubona nomlandeli woSuthu osezakhele igama, uDlamini.

UDlamini, ongasukanga kangako egadeni, ujabulisa abalandeli ngokugxumagxuma, enza imigilingwane yakhe. 

“Ukungabi biko kwaMazulu kuvalela ngaphandle uDlamini ongumlandeli wawo wokuqina,” kusho uKhawula.

“Kumvalela ithuba lokuthi ajabulise abanye abalandeli bebhola nabathandi bezemidlalo.”  

AmaZulu ahoxa nje lo mqhudelwano wokulungiselela isizini wasungulwa yiwo.

Phela iPrince Mangosuthu Legacy Cup yasungulwa ngonyaka ka-2018 nguLunga Sokhela owayeyimenja yaMaZulu FC ngaleso sikhathi.

Ngawolonyaka, wamema iBloemfontein Celtic neMbabane Swallows yaseSwatini ukuba azodlala njengezimenywa.

Ngonyaka olandelayo, kwamenywa iMamelodi Sundowns yabe seyimiswa le midlalo iminyaka embili ngenxa yeCovid 19. 

Iphinde yabuya ngo-2022, kwamenywa yona iSundowns, iRoyal AM, iRichards Bay FC neGolden Arrows. 

Ngonyaka odlule idlalwe yiRoyal AM, iRichard Bay FC, neGolden Arrows.

Khonamanjalo iRoyal AM iyona engomphetha abavikela iPrince Mangosuthu Legacy Cup, futhi kubhekwe ukuthi iphinde imuke nayo.