
Okuvunywe uMiguel Cardoso ngeSundowns ngemuva koSiwelele
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso wethule umyalezo ovuthayo ngemuva kokuthi iqembu lakhe lisinde komunye wemidlalo yeBetway Premiership enzima.
Yize inqobe ngo 7-4 ishaya iSiwelele FC eLucas Masterpieces Moripe Stadium ngoMgqibelo, lo mqeqeshi uzwakale engachazekile.
Amagoli ebeshaywa sengathi umuntu ubuka iPlayStation kunebhola elikhokhelayo.
UTeboho Mokoena nguye ovule amagoli, uTashreeq Matthews wabamba amabili, uNyiko Mobbie washaya elibe umkhonto odla ekhaya, kwathi uBrayan León washaya amathathu.
Kodwa phezu kokudedela amagoli ayisikhombisa, iSiwelele besilwa futhi sashaya awaso amane – amathathu kaGhamphani Lungu nelikaRelebohile Mokhuoane.
UCardoso Cardoso uvumile ukuthi abadlali bakhe bebegxile ekuhlaseleni, base bekhohlwa ukuvala emuva, wathi ukungenelwa amagoli amane akwamukelekile.
“Ngiyaqonda ukuthi abafana bebebheke ukushaya amagoli,” kusho uCardoso.
“Kodwa ngempela ukuzuza umphumela emdlalweni ofana nalona, ongasinika amagoli ayisikhombisa, ayisishiyagalombili, noma ayisishiyagalolunye, awukwazi ke ukudedela amane.”
Yize enokukhathazeka ngokuhluleka ukuvala emuva, lo mphumela usondeze iSundowns kwesinye isicoco seligi.
Kodwa-ke, uMiguel Cardoso uveze ukuthi iqembu lakhe lilwa nezinto eziningi – ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
“Sisempini enkulu. Silwa nayo yonke into — ukuhlelwa kwemidlalo, silwa nayo yonke into…
“Mhlawumbe ngisho nabantu abasekhaya ababuka umdlalo bephole kosofa,” kusho lo mqeqeshi. “Kodwa sinamandla.”
ISundowns manje isisele ngokuwina umdlalo wokugcina ukuze ivikele lesi sicoco esisinqobe amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana.
Nokho kuzomele iminyele ukuthi i-Orlando Pirates ibhacaze bese ilahla amaphuzu kweyayo esele.
