Ezintsha

BUKA: UMofokeng usize ezakhe zinqoba indebe

Obengumdlali we-Orlando Pirates, u-Relebohile Mofokeng, uyiqale kahle impilo yakhe eBelgium.

Usize iqembu lakhe elisha iRoyale Union Saint-Gilloise lanqoba iBelgian Super Cup ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala usanda kuthuthela e-Europe ngemuva kweNdebe yoMhlaba, kanti useqalile ukukhombisa ukuthi uzoba wusizo eqenjini lakhe elisha.

U-Relebohile Mofokeng uqale umdlalo esebhentshini ngesikhathi i-Union Saint-Gilloise ibhekene nompetha baseBelgium, iClub Brugge.

Ungene ngomzuzu ka-61 iqembu lakhe lilandela ngemuva ngo-1-0, kodwa labuyela emdlalweni ngesikhathi uKevin Mac Allister eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-77.

Lelo goli lenze umdlalo wagcina uyoqedelwa phansi kwepal, sekushaywa amaphenathi.

Emdlalweni wakhe wokuqala, uMofokeng ukhombise isibindi ngokuthatha iphenathi yokugcina nebizonquma umphumela.

Ngaleso sikhathi uCheveyo Tsawa weClub Brugge ubeseyigejile eyakhe, sekulele kuMofokeng ukuthi ayivalele enethini bese benqoba. 

Nebala ukwenzile lokho futhi kwenze iUnion Saint-Gilloise yanqoba iBelgian Super Cup, kwathi u-Relebohile Mofokeng wathola indebe yakhe yokuqala emdlalweni wakhe wokuqala.