
Kuhluleke noMakaab ekusizeni iChiefs ngoMokwana
- Intatheli yeLisenethini
Imizamo yeKaizer Chiefs yokusayina umdlali wasesiswini ophambili kuSekhukhune United ayiphumelelanga njengoba lo mdlalo ongomunye waabenze kahle ngesizini edlule egcine esayina eNorth Africa.
UMokwana uqedele konke ne-Esperance yaseTunisia kuleli sonto, aphela wonke amathuba okuthi kungenzeka aphelele kulezi zinkunzi zaseSoweto.
IChiefs ibigaqele lo mdlali odlala ohikweni lwesokudla njengoba ifuna ukuqinisa isikwati sayo ngaphambi kwesizini ezoba ngenkulu kuyona.
Leli qembu laseNaturena lilande umqeqeshi ohlonishwayo uNasreddine Nabi njengoba libheke ukugwema ukuqeda iminyaka engu-10 lingenayo indebe.
Futhi manje selicinga abadlali abasezingeni ukwenza umsebenzi kaNabi ube lula.
Imizamo yabo yokusayinisa uMokwana iqinisekiswe ngumhlaziyi wezemidlalo weGagasi FM Sports, uMike Makaab.
UMakaab, ophinde abe yimenenja yabadlali ehlonishwayo, uthe uzamile ukusiza Amakhosi ngokuwaxhumanisa neSekhune ukuze athole uMokwana.
“IKaizer Chiefs yenza konke okusemandleni ayo ukuzama ukusayinisa u-Elias Mokwana,” kusho uMakaab.
“Kodwa umdlali unqumo ukujoyina i-Esperance de Tunis.
“Akumina ophethe lo mdlali, kodwa ngizamile ukusiza ngesivumelwano phakathi kwala maqembu amabili.”
Imibiko yangaphambilini ibiveze ukuthi isicelo seChiefs sokuqala sinqatshiwe yiSekhukhune ebenomuzwa wokuthi siphansi kakhulu, yacela ukuthi isithuthukise.
OLUNYE UDABA: ICity iwafake ‘kwi-voicemail’ afuna izihlabani zayo
Akukacaci ke ukuthi Amakhosi abuyelile yini nesicelo esingcono noma aphelelwe amandla, kodwa lo mdlali usethole ikhaya lakhe elisha eTunisia.
