EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

BUKA: OweChiefs ‘uhleba’ ngokushiya kukaRiveiro kwiBucs

I-Orlando Pirates ikuqinisekise kuleli sonto ukuthi uJose Riverio, ongumqeqeshi wayo, ngeke ayivuselele inkontileka yakhe.

Lokhu kusho ukuthi lo mqeqeshi odabuka eSpain ophendule iPirates iqembu elidlala kahle nelisatshwayo, uyahamba uma kuphela le sizini.

Lezi zindaba zibashaqisile abalandeli bePirates, kanti abezimbangi zibajabulisile ngoba bebona ukuthi nayo isizoqala phansi. 

Manje sekuvele nevidiyo ezinkundleni zokuxhumana la isikhulu seKaizer Chiefs, siphawula ngokuhamba kukaJose Riveiro.

Lesi sikhulu, uBobby Motaung sithe nabo benzeka esifanayo ngoStuart Baxter abamlanda engenagama, kodwa wanede wazakhela igama wababhampela. 

“Ye nkabi, uyabona umqeqeshi wePirates uyahamba, bazoqala phansi,” uzwakala ememeza esho kanje uMotaung.

Ukhuluma endaweni okungathi ngeyomhlangano othile kodwa akuvelanga ukuthi bekukuphi kodwa kukhona nabanye abafake imifaniswano yeChiefs.

“Thina ngeke simshintshe umqeqeshi. Uyabona uStuart Baxter nathi wasenza kanje,” kuqhuba yena.

“Samnika amasizini amathathu, kwathi uma esebona igama lakhe selilihle wasenzani? Wahamba. 

“Lento (yokuphatha ikilabhu yebhola) ifuna ama#$nde.” 

Kule nkulumo yakhe kuvelile ukuthi yize owabo umqeqeshi, uNasreddine Nabi enengcindezi embi futhi abalandeli bengasamuzwa, ngeke ahambe. 

Iphinde iveze nokuthi njengoba eshiya uRiveiro kwiPirates, balindele ukuthi idonse kanzima ngaphansi komqeqeshi omusha.

Kodwa ke kuzokhumbuleka ukuthi kwayena uRiveiro akazange adonse kanzima ngesizini yakhe yokuqala njengoba anqoba izindebe ezimbili.

Wavula ngeMTN8, wabe esengeza nangeNedbank Cup, okuyizindebe akwazile ukuzivikela – iMTN8 kathathu, kanti neNedbank usengayivikela ihlandla lesithathu. 

Zibukele wena le vidiyo lapha ngezansi (ithathwe kwi-X la beyishicilelwe khona ngu-@Zikamnyamane):