
Owesibili weBafana uya kwelaseSaudi Arabia
Iqembu laseSaudi Arabia i-Al-Hazem FC kubikwa ukuthi selisondele ekutheni lideqe isivumelwano sokudayiselana ne-Esperance yaseTunisia.
I-Al-Hazem kuthiwa isha amashushu ngomdlali wasesiswini weBafana Bafana u-Elias “Kideo” Mokwana odlala kwi-Esperance.
Ngokwemithombo esondelene nezingxoxo, la makilabhu womabili asesigabeni sokugcina sezingxoxo ngemali yokudayiselana.
Imibandela nemihlomulo yomdlali sekuvele kuvunyelwene ngayo, okukhombisa ukuthi uMokwana usekulungele ukuya kwiSaudi Pro League.
Isimemezelo ngokudayiswa kwakhe silindeleke kule mpelasonto. UMokwana ube ngumdlali ovelele kwi-Esperance.
Bekuyisizini yakhe yokuqala kulezi zinkunzi zaseTunisia. Manje ukudayiswa kwakhe kwi-Al-Hazem FC kuyisinyathelo esikhulu.
Uzoba ngumdlali wesibili wakuleli – neBafana – ukudlala kule ligi yaseSaudi ekhula ngamandla.
UMohau Nkota, obekwi-Orlando Pirates yena usayine kwi-Al-Ettifaq ngenyanga edlule.
FUNDA NALA | IDurban City isisayine ohambe neleChan
Amaqembu akule leligi kuvela ukuthi asefuna ukushintsha isithunzi sayo njengoba beyaziwa ngeyamakhehla asefuna ukuthatha umhlalaphansi.
Kodwa manje amaqembu asesayina abadlali abasebancane, ababonakala beza kahle nabazokhuphula isithunzi sebhola laseSaudi.
