EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza abePSL bengayingeni eyaphesheya – Inacio Miguel 

Ukholwa ukuthi lokhu kuyingxenye yesizathu ezenza babe bancane abadlali abasuka eNingizimu Afrika baye kwamanye amazwe kule minyaka edlule.

U-Inacio Miguel udlale ePortugal lapho azalelwa khona naseRomania naseLatvia ngaphambi kokuthi alibangise e-Afrika.

Ufike khona wadlala e-Angola ngaphambi kokudlulela kuleli la efikele khona kwiKaizer Chiefs.

“Izinga lePSL nezinga lebhola laseNingizimu Afrika liphezulu. Ngakho miningi imibuzo abadlali abazozibuza yona.

“Kwesinye isikhathi bazozibuza ukuthi kufanelekile yini ukushiya lapha baye ngaphandle,” kuchaza uMiguel.

Ubephendula umbuzo wokuthi ucabanga ukuthi yini eyenza abadlali baseNingizimu Afrika bakhethe ukuhlala ekhaya.

UMiguel unoThabo Cele, uBradley Cross, uNjabulo Blom, uLehlogonolo Matlou, noRanga Chivaviro phakathi kozakwabo asebeke baya phesheya kodwa babuya.

“Lingakanani izinga kwamanye alawo mazwe (ase-Europe)?,” kuqhubeka uMiguel.

“Uma ungitshela ngesigaba sokuqala e-England naseSpain akungabazeki ukuthi kumele uhambe.

“Izinga lebhola eNingizimu Afrika liphezulu kakhulu kunezigaba eziningi zase-Europe engike ngadlala kuzo.

“Ngakho-ke, umbuzo wokuthi baphume noma cha yingoba izinga laseNingizimu Afrika liyathakazelisa futhi liphezulu.

“Ubufakazi balokho wukuthi uyabona nakule sizini ibingekho imidlalo elula.

“Mayelana nemali, angazi ngezinkontileka zabadlali balapha ngakho ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho. 

“Engingakusho ukuthi ngokujwayelekile uma ushiya iNingizimu Afrika uya e-Europe awuhambeli imali, usuke ufuna ukuyoziveza kwamanye amaqembu.

“Isibonelo nje, ngadlala kwi-Europa League futhi inhloso yami lapho ngisuka ePortugal kwakuwukudlala imiqhudelwano yamazwe ngamazwe.

“Bengigxile kukho lokho, futhi bekungakaze kube ngemali ngoba bengidinga ukufakazela ukuthi ngiyakwazi ukudlala kule miqhudelwano.

“Bengigxile kukho, kodwa ke angazi ngabantu baseNingizimu Afrika. 

“Kodwa uma besebancane, kufanele bacabange ngenqubo hhayi ngemali,” kwengeza u-Inacio Miguel.