
UJose Riveiro uphawula ngokuthi uya kuliphi iqembu
Ukushiya kukaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates sekuqubule ukuqagela okuningi ngaye – kusukela ekutheni kungani eshiya esenza kahle, kuya ekutheni uyaphi.
Bekuke kwanamahlebezi okuthi ushiya ngoba esekhumbule ekhaya, efuna ukuyochitha isikhathi nomndeni wakhe eSpain.
Kodwa lokho sekuvelile ukuthi akulona iqiniso njengoba usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza ekuqinisekisile ukuthi uJose Riveiro usesayine nelinye iqembu.
Ukuveze lokhu ngesikhathi ememezela ukuthi bavumelene ngokuthi bamdedele ingakapheli ngokusemthethweni inkontileka yakhe.
Kube sekuvela imibiko emkhomba kwi-Al Ahly yase-Egypt okuthiwa icele ukuthi asheshe afike ukuze abe nesikhathinyana neqembu ngaphambi kweFifa Club World Cup.
Kuze kwavela ukuthi leli qembu limhehe ngemihlomulo emihle azoyithola uma ekwazile ukulidlisela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano.
Kuvele nokuthi ufuna balande noSergio Elmenara obeyiphini lakhe kwi-Orlando Pirates ukuthi azosebenzisana naye.
UJose Riveiro ubesebhentshini le-Orlando Pirates okokugcina ngesikhathi ibhekene neGolden Arrows ngoLwesibili ebusuku.
Uvaleliswa kahle ke njengoba bebhuquzise Abafana Bes’thende ngo 3-0 kulo mdlalo ophenduke umcimbi e-Orlando Stadium.
Ngemuva komdlalo, uThomas Mlambo weSuperSport TV uzamile ukumncenga ukuba asho ukuthi ubhekephi.
“Ukukhuluma iqiniso nje kuwe, ngiyafisa ukukwazisa kodwa ngeke ngikwazi ukukwenza lokho njengamanje,” kusho uRiveiro.
“Uyazazii izinto zezinkontileka zihamba nemibandela yobumfihlo nezinye izinto ezifana nalezo.
“Ngakho akukho ezandleni zami ukumemezela lokho, kodwa nizokwazi nje maduze.
“Ngiyacabanga ukuthi wonke umuntu uzokuqonda lokho, futhi angifisele okuhle lapho ngiya khona uma sekuvelile.”
