
URiveiro ushiye abalandeli be-Orlando Pirates nomyalelo omqoka
UJose Riveiro ushiye isicelo esisuka enhliziyweni yakhe asibhekise kubalandeli be-Orlando Pirates ngesikhathi evalelisa.
Lo mqeqeshi ubesebhentshini okokugcina ngesikhathi i-Orlando Pirates ishaya iGolden Arrows ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili.
UJose Riveiro uzolifulathela elakuleli ngemuva kokudedelwa ukuba ashiye yize inkontileka yakhe ne-Orlando Pirates ingakapheli nya.
“Ngafika lapha ngisuka kwiligi engaziwa, kwamina ngingaziwa,” kusho uRiveiro ngemuva kwalo mdlalo obuse-Orlando Stadium.
“Angisho ukuthi manje sengimkhulu kunengafika ngiyikho, kodwa sengingomunye umuntu ngenxa yabalandeli…
“Impilo yami ngeke iphinde ifane nakudala. Kodwa lo msebenzi uvele uhambisana nemfanelo okumele uyamukele.
“Ngijabule kakhulu futhi ngiyacabanga ukuthi esikhathini esizayo uma ngibuka emuva, i-Orlando Pirates, nebhola laseNingizimu Afrika kuzoba yizinto ezibalulekile kimi.”
Ebuzwa ngazokukhumbula kakhulu, uthe wubudlelwano abenabo nabadlali, wathi akukho azisola ngakho.
“Akukho engizisola ngakho ngoba angiyona ingelosi. Ngiyawenza amaphutha ezimweni ezehlukene.
“Kodwa ngenze konke okusemandleni futhi bengizinikele ngenhliziyo yami yonke, bengizibeka ekugcineni kwakho konke okunye.
“Bengisebenza kanzima ukusiza abadlali neqembu. Ngakho akukho engizisola ngakho.”
UJose Riveiro ube eseshiya umlayezo obalulekile awubhekise kubalandeli ngokubekezelela abadlali abasebancane.
“Ukhiye wukuthi kumele baqonde uhlobo lwabadlali esinabo,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eSpain.
“Kumele baqonde ukuthi basebancane ngakho kuzomele babeseke ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
“Kumele bababekezelele, babe nesineke nabo babeseke ngokunjalo ngomqeqeshi omusha.
“Noma ngabe ngubani ozofika, uzobe eze lapha ngenhloso yokuzosiza iqembu ukuthi linyukele ezingeni elingcono.
“Uzobe ezoqhubezela lo msebenzi phambili, asize laba badlali babe ngcono kakhulu futhi kubalulekile ukuthi abalandeli babe nesineke kuye.
“Kuzomele bameseke kakhulu ekuqaleni ngoba uzokudinga kakhulu lokho,” kuphetha uJose Riveiro.
