EzintshaMamelodi Sundowns

Injabulo kuMiguel Cardoso kubuya izihlabani zeDowns

Lokhu ukusho ngaphambi komdlalo wabo owandulela owamanqamu obalulekile weCaf Champions League la bezobhekana khona ne-Al Ahly ngoMgqibelo.

UThemba Zwane ubengekho eqenjini isikhathi kule sizini ka-2024/25 ngenxa yokulimala. 

Uthole ukulimala umsipha weqakala ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana emdlalweni wokuhlungena i-Afcon neCongo Brazzaville ngo-Okthoba nyakenye.

Usadlale imidlalo emihlanu kuphela nje kule sizini, wakha igoli elilodwa. 

Phezu kwalokho, uZwane ube yingxenye ebalulekile yempumelelo yeSundowns eminyakeni edlule. 

Lo mdlali ongowokuzalwa eTembisa usize leli qembu lanqoba izicoco zeligi amahlandla ayisikhombisa kulandelana.

UMiguel Cardoso ubike ngesimo sikaZwane ngesikhathi kunesithangami sabezindaba sangaphambi komdlalo we-Al Ahly.

“UThemba akasalimele. Uziqeqesha ngokujwayelekile neqembu,” kusho lo mqeqeshi odabuka ePortugal.

 “Usasebenzela ukubuyela esimweni sakhe. Akakakwazi ukuthi engadlala imizuzu engu-90 okwamanje, kodwa siyamlungiselela.”

UZwane useqalile ukudlala imidlalo yobungani. Yize kungacaci ukuthi uzodlala yini kowe-Al Ahly, ukubuyela kwakhe eqenjini sekuseduze.

Abalandeli beMamelodi Sundowns bazojabula ukuzwa nokuthi inkontileka kaZwane seyeluliwe. 

Iqembu liziqinisekisile lezi zindaba ngoLwesihlanu, laveza ukuthi lomdlali usazohlala enue isizini.

UMiguel Cardoso uphinde wakhuluma nangesinye isihlabani esibuyayo ebesikade sesihlale isikhathi eside silimele, uMothobi Mvala.

“Siyajabula ukuthi bobabili uThemba noMvala babuye. Babaluleke kakhulu njengoba sesiya ekupheleni kwesizini,” kusho uCardoso.

ISundowns izosingatha i-Al Ahly eLoftus Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

AmaBrazilians abheke ukubonakala kowamanqamu weChampions League okwesithathu futhi azodinga wonke amava awo enkundleni.

Ukubuya kukaZwane, ngisho ngabe uzodlala imizuzwana embalwa, kunganikeza iSundowns indlela ehlukile yokuhlasela kulo mdlalo omkhulukazi.