EzintshaOrlando Pirates

BUKA: Isasasa kubonakala uSaleng ejimini yePirates

UMonnapule Saleng ubengekho eqenjini le-Orlando Pirates isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu manje.

Leli qembu lihlulekile wukwethulela abalandeli izizathu zokushiywa kwakhe ngaphandle eqenjini okuvule intuba yokuqagela ngekusasa lakhe.

Okunye kwalokhu kkuqagela wukuthi uMonnapule Saleng ubesembangweni weholo nekilabhu okuholele ekutheni amiswe eqenjini futhi angadlali. 

Abalandeli bebelokhu bezimisele ngokwazi ukuthi kwenzekani ngomunye wabadlali ongaconsi phansi kuko futhi oyisosha elithembekile.

Bebekhala ngokushoda ngaye, ikakhulukazi emidlalweni lapho iqembu belidonsa kanzima, liphelelwa amaqhinga uma lihlasela abalandeli bebona kunguye obengaphuma necebo. 

Kungakho amazwibela akhe esebenza kanzima eziqeqesha neqembu ngesikhathi seseshini yangaphakathi ngoLwesihlanu evuse usinga kubalandeli. 

Isasasa ezinkundleni zokuxhumana liphezulu, abaningi bezwakalisa injabulo yabo ngokubuyela kwakhe eqenjini.

Phela bese kukhona namahlebezi okuthi uMonnapule Saleng uzoyishiya i-Orlando Pirates ekupheleni kwale sizini.

Kepha kuphinde kwaba nemibiko yokuthi ikilabhu isebenzise umbandela wayo kwinkontileka yakhe ukuyelula ngeminyaka emibili okuzokwenza ahlale kuze kube okungenani ngu-2027. 

Nokho namanje ikilabhu ayikasho lutho ngesimo sikaSaleng eqenjini yize esebonakale ejima nalo. 

Nokho manje kukholakala ukuthi angase abe khona emdlalweni obalulekile wePirates weCaf Champions League.

IPirates iqala umzuliswano womkhumulajezi kulo mqhudelwano wezwekazi ngomdlalo wasekuhambeni la izobhekana khona neMC Alger e-Algeria ngoLwesibili. Buka ividiyo ngezansi: