
Isuse ukukhuluma indodakazi kaGavin Hunt ‘ibalisa’
Indodakazi ka-Gavin Hunt, osanda kugxalwa yiSuperSport United, uKaitlin Hunt isisuse ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ibalisa ngoyise.
UKaitlin Hunt, naye olandele uyise kwezokuqeqesha njengoba eneziqu zakho, ungene ezinkundleni zokuxhumana waveza umuzwa wakhe njengoba uyise engenaqembu nje.
U-Gavin Hunt uxoshwe yiSuperSport, iqembu anomlando omude nomuhle nalo, kulandela ukugqoza kwemiphumela emidlalweni yakamuva.
Lo mqeqeshi okunguye onamava kunabo bonke ebholeni lakuleli njengoba esenemidlalo engaphezu kuka-1000 esebhentshini, uphikwe yimiphumela.
Ushiye iSuperSport isendaweni embi njengoba ikweka-15, okuyindawo yezembe nengajwayelekile nhlobo kuleli qembu.
Bese kungokwesithathu kulandelana exoshwa eqenjini ngenxa yokuhlulwa wumsebenzi.
Kwamqala kwiKaizer Chiefs la axoshwa khona sekubalwa imidlalo embalwa kusongwe isizini.
Wabe eseya kwiChippa United ngemuva kwalokho, kodwa nakhona kwasheshe kwambhedela.
Manje indodakazi yakhe ibhale kwi-X ibalisa ngokuthi ibhola lakuleli ngeke lisafana engasekho uGavin Hunt.
“Ibhola laseNingizimu Afrika ngaphandle kukaGavin Hunt liyisimo esibi kakhulu,” ubhale kanje uKaitlin.
Kube usezisusele kwabanye abamtshele kwezikabhoqo ukuthi uyise uhlulwa wumsebenzi ngoba usasebenzisa izindlela zakudala zokuqeqesha.
“Ibhola laphuma kudala kuye, lamshiya emuva. Umdansi ohlakaniphile uyazi uma sekumele adede enkundleni,” kuphendula uMokhale Moseamedi.
ULubabalo Gqaza yena ufanise uKaitlin noDuduzile Zuma oyindodakazi kaJacob Zuma owayengumengameli wezwe.
UDuduzile waziwa ngokweseka nangokulwela uyise ngayo yonke indlela njengoba kwenza noKaitlin.
Bakhona nabakhombise ukumeseka, bemduduza ngokuthi usangabuyela noma nini uHunt ekuqeqesheni.
“Ungakhulumi ngathi ushonile, yibhola leli, kungasa kusasa esebuyile futhi,” kuphendula uLebogang.
Njengoba enamava futhi ebazi kahle nabadali naseNingizimu Afrika, cishe ngeke kumthathe isikhathi eside uHunt ukuthola elinye iqembu.
