EzintshaMamelodi Sundowns

‘Akuqali’ ngoMario Masha okwenzeka kwiSundowns  

Njengamanje le kilabhu iphenya izinsolo “zokuputshuka kwezimfihlo” kanti uMasha nguye osolwa ngokuba ngubhongoza kulokhu.

Kukhona abasola ukuthi uMasha wenziwa imbuzi yomhlatshelo ukuthenga amehlo abalandeli ukufihla ukwehluleka kwabaqeqeshi. 

Omunye wabake basebenza kwiSundowns – ocele iLISENETHINI ukuba ingamdaluli – uveze ukukhathazeka okukhulu ‘ngesiko’ elidlangile eChloorkop njengamanje.

Uphakamise ukuthi “iqembu ebelicoboshisa kwasani” lezinkathi ezedlule likhombisa izimpawu zokubhidlika, nenhlese yokuhlanga.

Lo mthombo uwugxekile umbono wokuthi umhlaziyi kungaba nguye yedwa onecala ‘kule nhlekelele’ eyenza kuleli qembu laseChloorkop.

“Uma ngempela uMario enze lokho asolwa ngakho, ingabe unesandla nasekwehleni kwezinga ngendlela exakile kwaleli qembu ebelidlala kahle kangaka? 

“Uma impendulo ingu-’yebo’, nami sengifisa impela ukuba nguhhlaziyi esikhundleni sokuba ngumqeqeshi,” kusho umthombo.

Lo mthombo uphinde waphakamisa ukuthi kunogcobho ngendlela okuhamba ngayo abanye babasebenzi kule kilabhu muva nje.

Uveze nokuthi sekungene nesihlava esibi, athi siwumdlavuza owadalwa wubandululo kuleli.

“ENingizimu Afrika, uma umlungu engenzi kahle noma ehluleka, kusolwa bonke abaseduze kwakhe, yena abe yingelosi.

“Lokhu kuvame ikakhulukazi ezinhlanganweni zabamnyama noma eziphethwe ngabamyama,” kwengeze lo mthombo.

Ube sewusekela lokhu okushoyo ngokuthi ukhombe ezinye izimanga ezenzeke phambilini kule kilabhu muva nje:

  • UGoolam Valodia: Lo mhlaziyi wahamba ngasekupheleni kwesizini edlule ekhala ‘ngokungakhuli’ kuleli qembu.
    Umthombo uthi uValodia “akakwazanga ukusebenzisana” noCardoso futhi wakhetha ukuhamba kunokuba abhekane nesiphetho esifanayo nesikaMasha.
  • UJerry Tshabalala: Ubengumqeqeshi weqembu labesifazane kanti wanikwa “ikhefu elikhethekile” ngoDisemba 2024 kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle.
    Kodwa kuze kube manje imiphumela ngophenyo olwathenjiswa ayikaphumi kuze kube manje. 
  • Umphumela walokhu: Ngokokuqala ngqa, iSundowns Ladies yehlulekile ukunqoba iCosafa, yaphuthelwa ukungena kwiCaf Women’s Champions League.
    UTshabalala yena usethuthele kwiSporting Club Casablanca eMorocco.

Ngaphansi kukaMiguel Cardoso, iSundowns isanqobe kathathu kuphela emidlalweni yayo eyisishiyagalombili edlule. 

Manje njengoba ibheke emdlalweni omkhulu neMC Alger, ingcindezi kulo mqeqeshi wasePortugal inkulu kakhulu.

Ingabe uMario Masha ‘uyimpipi’ ekhaphele ikilabhu, noma wenziwe ‘imvu yomhlabelo’ ukuzolisa abalandeli beMamelodi Sundowns?

Phela abalandeli sebeke bakubeka kwacaca ukuthi abasamfuni nakumbona lo mqeqeshi.

Umthombo usamile ekutheni konke lokhu kuyisu nje lokuphambukisa abalandeli njengoba becele ukuthi uCardoso akhonjwe afika ngayo.