EzintshaKaizer Chiefs

UYusuf Maart udalula umuzwa ‘okhethekile’ weSoweto Derby

Ukaputeni weKaizer Chiefs wazethula kulo mdlalo odume kunayo yoonke ebholeni lakuleli ngegoli elimangalisayo. 

Ngemuva kokuphuca umdlali we-Orlando Pirates ibhola engaphakathi engxenyeni yeChiefs, uMaart wabona unozinti wamaBhakabhaka ephumile epalini lakhe. 

UYusuf Maart wabe esededela ishodi, uSiyabonga Mpontshane wagcina ngokulibuka lidlula phezu kwakhe liyokhalakathela enethini. 

Leli goli lasiza iChiefs yahlula lezi zimbangi zayo ezindala ngo 1-0, lafaka igama likaMaart emabhukwini omlando walo mdlalo wekhethelo. 

Futhi njengoba kungenye i-Soweto Derby kule mpelasonto, uYusuf Maart ubuzwe ukuthi kunjani ukudlala kulo mdlalo.

“Kusho lukhulu kimina, futhi ngiyazi ukuthi kusho lukhulu kumdlali ngamunye ozoyidlala,” kube yimpendulo kaMaart. 

Lo mdlalo yiwo osuke ulindelwe ngabomvu ekhalendeni lebhola lezinyawo elikhokhelayo eNingizimu Afrika.

Futhi ubukwa bukhoma ngabantu abangaphezu kuka-80 000 uma use-FNB Stadium.

Ezinye izigidi eziningi zabantu ziwubukela kumabonakude hhayi eNingizimu Afrika nje kuphela, kodwa nakwamanye amazwe. 

Amathikithi alo mdlalo wangoMgqibelo e-FNB Stadium adayiswe aphela emasontweni amabili ngaphambi komdlalo.

“Akuwona wonke umuntu othola ithuba lokudlala umdlalo wedabhi. Baningi abadlali abawufisayo umdlalo walolu hlobo.

“Kodwa ekugcineni akwenzeki kubo. Ngakho-ke, noma ubani okhona futhi othola ithuba lokuwudlala udinga ukulisebenzisa.

“Lelo yilungelo nethuba eliyivelakancane umuntu okumele alibambe ngezandla zombili futhi alisebenzise uma limvelela,” kwengeza uYusuf Maart. 

Womabili la maqembu azoya kwi-Soweto Derby ngoMgqibelo ewadinga kakhulu amaphuzu aphelele kanti umdlalo uthembisa ukuthi uzoshisa kakhulu.

IChiefs kumele ithole amaphuzu aphelele ukuze ibuyele kwiTop 8 futhi igweme ukuqeda ngaphandle kwayo isizini yesibili kulandelana.

IPirates yona idinga amaphuzu amathathu ukuzama ukugcina igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns lilawuleka.

Womabili amaqembu aya kulo mdlalo ephuma endukwini ngokwehlukana. IChiefs ihlulwe yiMarumo Gallants ngempelasonto edlule.

IPirates ishaywe yiSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku, nokube yivelakancane lokuthi ihlulwe okwesibili kulandelana.