EzintshaOrlando Pirates

UMaela ucacisa ‘eyokushiya’ kwi-Orlando Pirates

Inkontileka yalo mdlali wasemuva oneminyaka engu-32 ubudala iphela ngoJuni. 

Imibiko yakamuva iveza ukuthi i-Orlando Pirates isimthembise omunye umsebenzi eqenjini uma eyeka ukudlala.

UMaela usadlale imidlalo engu-11 kuphela kule sizini njengoba kubhoke abadlali basemuva abancane abafana noThabiso Sesane noMbekezeli Mbokazi. 

Uthi uyamukele indima yokukhulisa nokufundisa isizukulwane esilandelayo sezihlabani zeBucs.

“Empilweni, kufanele wamukele ukuhamba kwezinto. Awukwazi ukudlala kuze kube phakade,” kusho uMaela.

“Uma uNkulunkulu ekubeka ethubeni lokuba nommthelela ekukhuleni kwabanye, kumele ulamukele. 

“Futhi ukuzithoba — ikakhulukazi uma izinto zingahambi ngendlela ofisa ngayo.”

UMaela uncome indlela akhuliswe ngayo nokuqeqesheka ngokumlungiselela lesi sigaba somsebenzi wakhe.

“Kuyintobeko ukusiza isizukulwane esilandelayo. Ngicabanga ukuthi ngizisebenzele kahle mina neqembu ngesikhathi sami.”

Nokho ukubeke kwacaca ukuthi akukho osekunqunyiwe ngekusasa lakhe okwamanje. 

“Isizini ayikapheli. Uma isikhathi sesilungile, isitatimende sizokhishwa yiqembu nami uqobo.”

UMaela waqala umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwi-Orlando Pirates kodwa wachitha isikhathi ebolekiswe kwiWitbank Spurs, iThanda Royal Zulu, neRichards Bay FC. 

Ubuyele ukhakhayi seluqinile kwiPirates waba ngomunye wabadlali basemuva kwesokunxele abathembekile kwiBetway Premiership.

Lokhu kumfake kwiBafana Bafana lapho edlale khona imidlalo eminingana, wasiza leli qembu lesizwe ukuthi lingene kwi-Africa Cup of Nations ka-2023. 

Ebuzwa ngokuqondile ukuthi ngabe usekulungele yini ukulengisa amakhokho akhe, uMaela wenqabile ukunikeza impendulo eqondile.

“Kufanele sihloniphe isizini esikuyo futhi sigxile emidlalweni ezayo, ikakhulukazi lo wedabhi neKaizer Chiefs.

“Nizokwazi uma isikhathi sesifanele. Lokho ngiyakuthembisa,” kuphendula uMaela.

Njengoba uNkosinathi Sibisi emisiwe, nabanye abadlali basemuva eqenjini belimele, kungenzeka uMaela abe seqenjini lalo mdlalo weChiefs.

I-Orlando Pirates izovakashela iChiefs emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.