
UJose Riveiro eduze nerekhodi elihle kwiSoweto Derby
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, unethuba elihle lokuziqophela umlando kwi-Soweto Derby.
Kodwa lo mqeqeshi akakholwa ukuthi lokhu kusho utho olutheni, esho ngokungagwegwesi ethi, “Akusho lutho.”
Yize esezohamba ekupheleni kwesizini, uJose Riveiro usethubeni lokuqopha igama lakhe emlandweni we-Soweto Derby.
Lo mqeqeshi idabuka eSpain unemidlalo emibili okungenzeka uma eyinqoba adlule irekhodi lalowo owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter.
UBaxter unerekhodi lokunqoba imidlalo emihlanu yedabhu yaseSoweto ngesikhathi sePSL.
Uma enqoba le midlalo emibili elandelayo yeSoweto Derby, uJose Riveiro uzoba nguyena mqeqeshi ophumelele kakhulu kulo mdlalo wodumo.
Njengamanje uyinqobe kane, ukunqoba ngoMgqibelo kuzokwenza uRiveiro afice irekhodi likaBaxter.
Ngemuva komdlalo ozayo weBetway Premiership, kunomdlalo wamanqamu weNedbank Cup ozonikeza uRiveiro ithuba lokuqopha irekhodi elisha.
Lokhu kunikeza uRiveiro ithuba lokuphothula isikhathi sakhe kumaBhakabhaka hhayi nje ngokuba yinkunzi yezindebe kodwa njengomqeqeshi ohamba phambili kowomkhaya.
URiveiro uzongena emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium esenqobe emithathu edlule.
“Akusho lutho nhlobo ngalowo uma ukubuka ngalelo liso (irekhodi lokuwina kaningi kwidabhi),” kusho uRiveiro ngoLwesine.
“Ngiqonde ukuthi sifuna ukunqoba ngoba kuyadingeka kithina, kuyadingeka kubalandeli bethu.
“Kuyadingeka eqenjini lethu, ngendlela efanayo nakwiKaizer Chiefs. Lokho kuyinto ebalulekile kwidabhi.
“Izibalo zilungile, ziyinto esizoyibheka, mhlawumbe mina, ikakhulukazi eminyakeni engu-20 kuya ku-25 ezayo…
“Kodwa njengamanje akusho lutho, into ebalulekile ukuthola amaphuzu amathathu.
“Sidinga ngempela ukubuyela emgqigqweni wethu wokunqoba ngemuva kwemiphumela embalwa engemihle emiqhudelwaneni eyahlukene.”
