
Abe-Orlando Pirates bababaza ‘abakuzuza’ ekhempini eNorth West
I-Orlando Pirates isekhempini yokulungiselela ukuqhubeka kwesizini eNorth West la iqembu lisebenza khona kanzima.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto sekuvele ukuthi zizimisele ukugila izimanga, ziphinde ziqophe umlando ngokucoboshisa zonke izicoco zakuleli.
Sezivele zinqobe iMTN8 – obese kungokwesine kulandelana – neCarling Knockout – okokuqala eminyakeni engaphezu kweshumi yayigcina le ndebe.
Manje sekusele izicoco ezimbili – iBetway Premiership neNedbank Cup – kanti i-Orlando Pirates ifuna ukuzidla zombili.
Uma ingakwenza lokho ingaba yiqembu lokuqala ukuqoqa zonke izicoco ngesizini eyodwa, ingene emabhukwini omlando.
Okukhomba izinhloso zayo, isiqinise iqembu elivele libukeka lilihle ngabadlali abathathu abasezingeni.
Isayine u-Andre de Jong kwiStellenbosch FC, noDaniel Msendami noMpho Chabatsane kwiMarumo Gallants.
Idayise uMbekezeli Mbokazi kwiChicago Fire yase-US noMonnapule Saleng kwiMamelodi Sundowns.
Bekhuluma ngekhempu eqhubekayo eNorth West, abadlali be-Orlando Pirates oRelebohile Mofokeng noNkosikhona Ndaba bathe kuhamba kahle kakhulu.
“Sisebenza kanzima nsukuzonke – asiphumuli. Sijima kabili ngosuku,” kusho uMofokeng ngale khempu.
UNdaba yena uveze ukuthi lukhulu abalulungisayo kule khempu futhi unethemba lokuthi bazophuma bengcono kakhulu.
“Ikhempu isahamba kahle kakhulu,” kusho uNdaba. “Sizuza lukhulu ikakhulukazi kulokho okumele sithuthuke kukho nalapho kumele silungise khona.”
IPirates ibuyela enkundleni ngoJanuwari 25 la izovakashela khona iSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership.
Izobe ibheke ukuqoqa amaphuzu agcwele ukuze iqhubeke nokuzihola phambili kwilogi.
FUNDA NALA | OweChiefs uyoqiniswa ukhakhayi kwelaseBotswana
Yiyi eqhwakele njengamanje futhi ishiya ompetha abavikela lesi sicoco iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amabili.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
