Ezintsha

ULance Davids uveza okunqenisa awaphesheya ngabadlali bePSL 

ULance Davids, owayengumdlali kodwa manje oseyimenenja yabadlali, uthi imali efunwa amaqembu e-PSL ngabadlali bawo yiyo exosha amaqembu ase-Europe.

Le menenja ezizwe eBelgium ithi maningi amaqembu aphesheya anentshisekelo ngabadlali bakuleli.

Uthi le ntshisekelo izokhula kakhulu ngemuva kwi-Africa Cup of Nations ngoDisemba neNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.

Nokho uxwayise ngokuthi amakilabhu aseNingizimu Afrika kumele angabeki phambili imali uma kuvela afuna abadlali bawo.

“Ngicabanga ukuthi imakethe yaseNingizimu Afrika ibhekwe kakhulu njengamanje ngenxa yokwenzeka e-Ivory Coast (kwi-Afcon edlule).

“Namaaqembu ethu esizwe abafana abancane nawo enza kahle kakhulu,” kusho uLance Davids kwiSABC Sport.

“Inkinga ukuthi amakilabhu ethu abiza kakhulu. Iqembu lase-Europe ngeke likhokhe imali enkulu ngomdlali wase-Afrika osazinze e-Afrika — likhetha ukwenza lokho kosevele ese-Europe.”

ULance Davids weluleke amakilabhu e-PSL ukuthi acabangele inzuzo yesikhathi eside kunokugxila kuphela ekuzuzeno manje.

“Amaqembu kufanele abheke ukuthi azola imali uma esephinde edayiswa umdlali,” kuqhuba yena.

“Kodwa lokhu yiseluleko sami nje. Iligi yethu isezingeni futhi yakhiwe kahle — ingenye yahamba phambili ezwenikazi.”