
OweChiefs unethemba ngoGlody Lilepo ‘ogukhiye weqembu’
IKaizer Chiefs inethemba lokuthi uGlody Lilepo uzobe eseluleme ngaphambi komdlalo weBetway Premiership neDurban City eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu.
UGlody Lilepo uphume ngesikhathisekhefu ngesikhathi iKaizer Chiefs inqoba ngo 3-1 kwiCaf Confederation Cup ihlula i-AS Simba ngeSonto.
Lo mdlali waMakhosi ube nomdlalo omuhle njengoba esize leli qembu ukuthi lingene esigabeni samaqoqo kwiConfederation Cup.
Wakhe igoli lokuqala elishaywe u-Etiosa Ighodaro wabe esevalela phakathi elesithathu, elingqofela enethini ngekhanda.
Nokho lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ubethwele kanzima futhi bekungathi abadlali be-AS Simba bathunyelwe kuye ukuthi bamlimaze.
Nebala usiqede exhuga isiwombe sokuqala njengoba ebeselimele nokubonakale sengathi uthinteke iqakala.
“Kuzofanele sixoxe nnodokotela ngaye. Kodwa ngathi kube wukuthinteka nje engicabanga ukuthi akukubi kakhulu,” kusho umqeqeshi weChiefs uCedric Kaze.
“Ukube bekuthinyteke umsipha bekungaba enye inkinga kodwa uma kuwukuthinteka nje, ngemuva kosuku olulodwa noma ezimbili uzobe eselungile ukudlala ngoLwesihlanu.”
UGlody Lilepo ungomunye wabadlali baphambili beKaizer Chiefs abenza kangcono kusukela ejoyine leli qembu ngoJanuwari.
FUNDA NALA | Liya eKZN idili leCarling Knockout
Ushaye amagoli ayisithupha ngesizini edlule, kanti unamagoli amathathu kuyo yonke imiqhudelwano kulo mkhankaso wamanje.
Nokho kuze kwaba ngoLwesithathu le kilabhu ingakasho lutho ngokulimala kwakhe, okwenza kube nokukhathazeka ukuthi angase aphuthelwe umdlalo wangoLwesihlanu.
