
Liya eKZN idili lemidlalo yeCarling Knockout
Izodlalelwa KwaZulu-Natal yomibili imidlalo eyandulela eyamanqamu yeCarling Knockout njengoba amaqembu esifundazwe eqhathwe ekhaya.
Le midlalo izoba ngempelasonto ka-8 no-9 Novemba, kodwa eminye imininingwane yayo isazomenyezelwa yiPSL ngemuva kokuhlangana kahle namaqembu.
IGolden Arrows izobhekana neMarumo Gallants, kanti omkhaya bayo iRichards bay bona bazobhekana ne-Orlando Pirates.
IGallants ingene kweyandulela owamanqamu ngokubukisa ngeStellenbosch FC eyishaye ngo 4-0 ngoLwesithathu ebusuku.
UNdabayithethwa Ndlondlo nguyena obe yiqhawe waleli qembu laseFree State, eshaya amagoli amabili – elilodwa ngesiwombe sokuqala nelinye kwesesibili.
UMonde Mpambaniso – ongene endaweni kaNdlondlo esiwombeni sesibili – uqhubeke lapho ebegcine khona eshaya elesithathu.
Libe yinhlanhla njengoba isitobha seStellies besithi sikhipha ibhola kodwa lazishayisa kuye qede layodla inethi.
U-Edgar Makana naye usuke ebhentshini wazoshaya elesine esenemizuzwana nje engenile, eqinisekisa ukuthi badlulela kweyandulela owamanqamu.
FUNDA NALA | UMaema uveza imizamo kaBobby yokumsayina kwiChiefs
Izinsuku, izinkundla nezikhathi zemidlalo eyandulela owmanqamu zisazoqinisekiswa yiPSL ngokuhamba kwesikhathi.
- Ziqhathwe kanje: Golden Arrows v Marumo Gallants; Richards Bay v Orlando Pirates
