EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza iKaizer Chiefs izithele ngabandayo abanye beqinisa

Nokho ugcizelela ukuthi umnyango ngeke bawuvale uma kwenzeka kuvela umdlali osezingeni elihle abangamsayina.

IKaizer Chiefs ibe yiqembu elimatasatasa ngesikhathi kulungiselelwa le sizini. Isayine abadlali abasha abangu-11. 

Kubadlali abasayiniwe kukhona uKhanyisa Mayo, uLebohang Maboe noSiphesihle Ndlovu Kukhona no-Asanele Velebayi, Paseko Mako, Thabiso Monyane no-Etiosa Ighodaro.

Naphezu kwalokhu kusayina okungaka, izindebe azikaveli. Yi-Orlando Pirates yiyo esanqobe zonke izindebe. 

Inqobe iMTN8 iqopha irekhodi ukuyithatha okwesine kulandelana. IPirates iphinde yadla neCarling Knockout Cup okokuqala kusukela ngo-2011.

IKaizer Chiefs iqhubekile nesigaba sayo sokwakha kabusha. Njengamanje ihlezi endaweni yesine kwilogi yeBetway Premiership.

Amakhosi anamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-13. IPirates ihamba phambili ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-12.

Lokhu kwenza iChiefs isale ngamaphuzu amane ngemuva kwezimbangi zayo zaseSoweto. 

Njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali, amaqembu kulindeleke aqinise izikwati zawo.

IMamelodi Sundowns isivele ishukumise inkundla ngokusayina uMonnapule Saleng obesemabhukwini ePirates.

IChiefs nayo bekuke kwavela ukuthi iyamhalela lo mdlali wasophondweni. Phezu kwalokhu, uMotaung uthi ikilabhu izobheka umdlali ofanele kuphela.

“Ngeke siwuvale umnyango uma kutholakala umdlali okhethekile,” uMotaung usho kanje kwabe-Isolezwe.

“Uma lokho kwenzeka (evela lowo mdlali), sizobheka isimo.” Uthi iChiefs ijabule ngabadlali enabo njengamanje.

Abadlali abaningi ebebelimele sebeyabuyela ekudlaleni. Abanye babadlali abasha nabo bebengakadlali.

Umdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga ngomunye walabo, ngokunjalo nowasesiswini u-Ethan Chislett. 

Bobabili laba badlali sebeluleme ekulimaleni abebenakho. “Akulula ukujoyina iKaizer Chiefs,” kwengeza uMotaung.

“Abanye abadlali badinga isikhathi eside ukujwayela izimo zakuleli qembu.” Uthi iqembu alifuni ukwenza izinguquko njalo.

IChiefs izobuyela emidlalweni weligi ngemuva kwekhefu le-Afcon. Izosingatha iGolden Arrows eFNB Stadium ngoJanuwari 20.