EzintshaKaizer Chiefs

Abangu-11 abangase badliwe yizembe kwiKaizer Chiefs

Umqeqeshi uNasreddine Nabi kukholakala ukuthi uselufakile kubaphathi uhlu lwabadlali angasabadingi eNaturalina.

UNabi usephumele obala kaningana, egxeka izinga labadlali kwi-Kaizer Chiefs. 

Empeleni nje, kubadlali abangaphezu kuka-30 baMakhosi, uNabi uthe bahlanu noma abayisithupha kuphela abakulungele ukudlala kuleli qembu. 

UNabi uphinde wafaka nohlu lwabadlali afuna iqembu limsayinele bona, wasabisa ngokuthi uma engabatholi engase ashiye phansi. 

Nokho kwayena uNabi uhlezi ngesinqe esisodwa njengoba kunemibiko ethi uzochithwa kwi-Kaizer Chiefs ekupheleni kwale sizini.

Abaphathi beqembu kuthiwa abaneme ngokungabi bikho kwenqubekela phambili ngaphansi kobuholi bakhe.

Naba abadlali abangu-11 okungenzeka bakhonjwe abafika ngayo eNaturena njengoba kuzovalwa isizini nje:

  1. UFiacre Ntwari – Lo nozinti waseRwanda ufike ethwelwe ngeqoma kodwa wenza amaphutha amabi ngasekuqaleni kwesizini. Ulahlekelwe yindawo yakhe ethatwhe uBruce Bvuma futhi kusukela lapho akaphindanga wabuyela eqenjini.
  2. UBongani Sam – Ujoyine esuka kwi-Orlando Pirates kodwa walimala kusalungiselwa ukuqala kwesizini. Akazange adlale nowodwa umdlalo osemthethweni.
  3. UHappy Mashiane – Usebe kule kilabhu iminyaka engaphezu kwemihlanu kodwa namanje akakabi ngumdlali othenjwayo.
  4. U-Edmilson Dove – Inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni. Imibiko iveza ukuthi usethole amadlelo akuhlaza eGulf Region.
  5. UTebogo Potsane – Wehlulekile ukwenza kahle kusukela ejoyine leli qembu kumasizini amabili edlule. Uhlulekile ukuba nomthelela yize engumdlali osenamava.
  6. UMduduzi Mdantsane – Wayeyisihlabani kwiCape Town City, kodwa akakwazanga ukubuyela emgqigqweni wakhe kwi-Kaizer Chiefs. Uchithe ingxenye yesizini edlule ebolekiswe kwiRichards Bay.
  7. UGeorge Matlou – Ube neshwa lokulimala njalo futhi njengoba inkontileka yakhe iphela, mancane amathuba okuvuselelwa kwayo.
  8. USabelo Radebe – Ubebolekiswe wkiRichards Bay kodwa washeshe wabuyiswa. IRichards Bay ikahle ngokuthi akukho okutheni anakho engenakho eqenjini layo.
  9. USamkelo Zwane – Usemncane futhi uyathembisa, kodwa angase abolekiswe ukuze ayoqiniswa ukhakhayi.
  10. URanga Chivaviro – Usonyakeni wokugcina wenkontileka yakhe. Uhlulekile ukuphinda ifomu ayikhombise kwiMarumo Gallants.
  11. UTashreeq Morris – Usayine ngoJanuwari kodwa akazange abe nomthelela otheni. Angakhululwa uma kutholakala umgadli ongcono.

Abalandeli be-Kaizer Chiefs bangalindela izinguquko ezinkulu njengoba leli qembu lizama ukwakha kabusha ngemuva kwenye isizini engeyinhle kahle.