EzintshaKaizer Chiefs

UMsimango uveza okwenze wangena khaxa kulimala uDortley

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usephinde wabuyela eqenjini eliqala imidlalo kwiChiefs ngemuva kokusala ngaphandle ekuqaleni kwesizini.

Ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi, uGiven Msimango uzithole ekhuhla ibhentshi isikhathi eside. 

Phakathi kukaDisemba noMashi, akazange adlale nowodwa umdlalo. Kodwa ukulimala kukaRushwin Dortley kumulele isikhala.

Kusukela ekuqaleni kukaMashi, uGiven Msimango ulibambe ngazo zombili ithuba alinikiwe. 

Udlale kahle kakhulu emidlakweni embalwa edlule, eqinisekisa nalabo abese beqala ukumngabaza ngekhono lakhe.

Umdlalo wakhe obe muhle kakhulu ube ngeSonto. Udlale kahle ebambisene no-Edmilson Dove emuva ngesikhathi iChiefs ishaqisa iMamelodi Sundowns. 

Amakhosi ashaye iSundowns ngo 2-1 ukuze azibekisele indawo emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup lapho ezohlangana khona ne-Orlando Pirates ngoMeyi 10.

“Ngisendaweni ekahle,” kusho uMsimango. “Ngisebenza kanzima uma ngisenkundleni, noma ngingekho. 

“Ukuzinikela kwami sekuyabonakala ekusebenzeni kwami, futhi ngifuna ukuqhubeka nokuthuthuka.”

IChiefs manje isibheke ukwenza kahle nakwiligi. Izobhekana neChippa United emdlalweni weBetway Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo. 

Isemjahweni oshisayo wokungenela iMTN8 ngesizini ezayo. IChippa iyihlezi ezithendeni iChiefs njengoba isalele ngephuzu elilodwa kuyo kanti inemidlalo emibili esandleni. 

Ukuhlulwa kweChiefs kungase kuyikhiphe emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi. IChiefs isivele iyishaye kabili iChippa kule sizini. 

Yanqoba ngo 1-0 koweligi ngoDisemba, yayiphinda ngo 3-0 koweNedbank Cup ngoFebhuwari.

Kodwa phezu kwalokho, uGiven Msimango akawuthathi kalula lo mdlalo ngoba uthi iChippa inobungozi. 

“IChippa iqeqesheke kahle futhi ihlelekile,” kuqhuba uMsimango. “Sike sabashaya ngaphambilini, kodwa kufanele sihlale siqaphele. 

“Siwenzile umsebenzi wethu wokubatadisha ukuthi bamandla kuphi futhi sesiyakwazi lokho.”