EzintshaMamelodi Sundowns

Ababili bahambile, abanye abangu-8 bazolandela kwiSundowns

Umqeqeshi oyinhloko uMiguel Cardoso ufuna ukusebenza ngeqembu elingenabo abadlali abaningi kakhulu.

Kuvela ukuthi abaphathi sebezibophezelile ekulandeleni izincomo zakhe.

Imibiko iphakamisa ukuthi okungenani abadlali abangu-10 bazokhonjwa isango abafika ngalo eChloorkop. 

Ababili sebevele kuqinisekisiwe ukuthi sebeyishiyile kwiSundowns – uRivaldo Coetzee noSipho Mbule. 

Imenenja yabo, uMike Makaab, isivele ikuqinisekisile ukuthi izinkontileka zabo ngeke zivuselelwe. 

Unozinti uReyaad Pieterse naye kulindeleke ukuthi ahambe. Ngokubika kweKickOff, ungomunye wabadlali abangekho ezinhlelweni zikaCardoso.

Ikusasa likaLebohang Maboe ongumdlali wasesiswini nalo aliqinisekisiwe. ISoccer Laduma ibika ukuthi uMaboe ungomunye abasohlwini lwabachithwayo.

Abanye okuthiwa bakulolu luhla ngoLuvuyo Phewa, u-Etiosa Ighodaro, uSifiso Ngobeni, noThembinkosi Lorch. 

Bobahlanu laba badlali abangenhla bachithe le sizini bebolekiswe kwamanye amaqembu. 

Yize engumdlali osezingeni eliphezulu, uLorch akabanga nomthelela obekulindelekile kuye. 

Khonamanjalo, umdlali wasesiswini wase-Argentina uMatias Esquivel naye usendleleni, ngokwamahlebezi aphuma eChloorkop. 

ULucas Suarez, naye ungomunye wabadlali bangaphandle kwiSundowns abangase bachithwe ukuvula isikhala sabasha. 

Yize singekho isinqumo sokugcina esenziwe, imithombo iphakamisa ukuthi ikilabhu imatasa nokulungiselela ukuchitha laba badlali.

Okubambezele wukuthi abanye basenezinkontileka, ngakho kumele kuxoxiswane kahle nabo.

Lokhu kulungiswa kabusha kweqembu kuphawula isiqalo esisha seMamelodi Sundowns njengoba ihlose ukuqhubeka nokubusa kuleli, bese idlulela nasezwenikazi. 

Le kilabhu kulindeleke ukuthi ilethe abadlali abasha abahambisana nombono wamaqhinga kaCardoso.

Njengoba iwindi lokdayiselana ngabadlali lisondela, abalandeli beMamelodi Sundowns bangalindela izinguquko ezengeziwe emasontweni ezayo.