EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ‘isabawela’ unozinti welaseGhana

Yize iChiefs ivele inonozinto abane — okungoBrandon Petersen, uBruce Bvuma, uFiacre Ntwari noKarabo Molefe — kuthiwa isazimisele ngokuqinisa konozinti.

Ngokubika kwe-Africa Foot, iChiefs neKotoko basezingxoxweni mayelana nokudayiselana lo nozinti. 

ILisenethini seyingakudalula ukuthi lezi zingxoxo zisezingeni eliphezulu futhi iChiefs seyifake umdlali ukucubuza amagade kwiKotoko.

Umthombo osondelene naleli qembu uthi iChiefs izimisele ukuthi inike iKotoko uNtwari bese yengeza nemali ngaphezulu ukuze ithole uCamara.

UCamara, oneminyaka engu-25 ubudala, unenkontileka naleli qembu elizinze eKumasi ezoze iphele ngoJuni ka-2026.

Ngaphezu kweChiefs, kuthiwa akhona namanye amaqembu azidlisa satshanyana kulo nozinti. Kodwa ke yena ngathi inhliziyo yakhe seyiseNaturena. 

Lo nozinti oseqophelweni eliphezulu ukuqinisekisile ukuthi iChiefs seyike yavela kuye, wayiyalela ukuthi iyoxoxisana nabaphathi beKotoko ngoba usenenkontileka kuyo. 

Uma iKotoko inqaba ukumdedela, iChiefs izolinda kuze kube nguJanuwari, bese imsayinisa inkontileka yesibambiso njengoba  ezobe esesalelwe yizinyanga eziyisithupha kwinkontileka yakhe. 

UCamara uhehe amehlo eChiefs ngesikhathi seToyota Cup ngoJukayi lapho ebe khona nomdlalo oncomekayo, evimba amaphenathi amathathu iKotoko ishaya iChiefs ngo 3-2.

IKotoko, esinqobe iCaf Champions League kabili, ingase ikuthole kunzima ukugoloza nalo nozinti wayo njengoba Amakhosi emfuna, naye esenothando lwawo.