
UPadime uchaza ‘amadlingozi’ amenza ashaye umjiko
Umdlali osemncane we-Orlando Pirates, u-Mpho Padime, usephendule ngokugxekwa okuqhubekayo komjiko ebholeni lakuleli.
Le nsizwa eneminyaka engu-19 isiphenduke intandokazi kubalandeli bePirates ngenxa yendlela edlala ngayo enesibindi, ikakhulukazi uma ibhekene nomdlali ngqo.
UPadime uthi indlela adlala ngayo ayiyona into ayifundisiwe nje kuphela, kodwa iyingxenye yendlela akhule ngayo eKasi.
“Ngingathanda ukushintsha,” kusho yena. Kodwa lapho engikhulele khona, uma ngisenkundleni lezi zinto ziyazenzakalela.
“Ngikhule ngibuka abantu benza lezi zinto isikhathi esiningi.”
Uveze ukuthi akakhulanga ebuka kakhulu ibhola lase-Europe, kodwa wayegxile kubadlali baseKasi ababenekhono lomjiko.
“Angikhulanga ngibuka ibhola lase-Europe. Ngikhulele eKasi, ngibuka abafana baseKasi beshaya umjiko.
“Ngakho uma ngisenkundleni, kwesinye isikhathi angikwazi ukuzibamba, kuyazenzakalela,” kuchaza lo mdlali.
U-Mpho Padime, odume ngelikaPhopho, uyaqhubeka nokuzakhela igama eqenjini elikhulu le-Orlando Pirates.
- FUNDA NALA | UWilliams upopola ingozi ye-Eritrea
Nokho umqeqeshi wakhe u-Abdeslam Ouaddou nguye kanye ongafuni nokuyizwa eyomjiko eqenjini lakhe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
