
U-Ouaddou udalula amazwi avuselele ngawo uRadiopane
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou useveze ingxoxo abe nayo nomgadli u-Boitumelo Radiopane ngaphambi kokumnikeza ithuba lokuqala umdlalo neSekhukhune United.
URadiopane ulisebenzisile lelo thuba ngegoli lokuqala ngesikhathi iPirates ishaya iBabina Noko ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili.
U-Oswin Appollis ushaye elesibili. Lokhu kwenze iPirates yazihlukanisa ngamaphuzu amathathu neKaizer Chiefs esendaweni yesibili.
U-Ouaddou uveze ukuthi wayesemtshelile uRadiopane ngosuku olwandulela umdlalo ukuthi uzoqala.
“Ngimtshelile kusukela izolo (ngoMsombuluko) ukuthi uzoqala,” kusho u-Ouaddou ngemuva kwalo mdlalo.
“Ngimtshelile ukuthi kunemidlalo okufanele usebenzise kuyo ithuba lakhe. Ngokwami, ulisebenzisile ithuba lakhe.
“Kuhle ukuba nomunye umgadli okwazi ukushaya amagoli. Lokhu kuhle kakhulu ekunyuseni ukuzethemba kwakhe.”
U-Adbeslam Ouaddou ukholwa ukuthi u-Boitumelo Radiopane unakho konke okudingekayo ukuze aphumelele njengomgadli.
“Ngicabanga ukuthi lo mfana unakho konke esikudingayo ukuthi aphumelele,” kusho yena.
“Unesimo somgadli wangempela. Ngijabule kakhulu ngokuthi ushaye igoli namuhla.
“Masethembe ukuthi uzoqhubeka nalo moya futhi mhlawumbe ashaye amanye amagoli.”
- FUNDA NALA | UDa Cruz usale ecikekile ngeChiefs
IPirates izophinde ibhekane neSekhukhune okwesithathu ezinsukwini eziyisikhombisa.
La maqembu azodlala umlenze wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo e-Orlando Amstel Arena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
