
🔥UPitso Mosimane nomsebenzi omusha kwelaseTanzania
Umqeqeshi odumile waseNingizimu Afrika uPitso Mosimane usengeze isahluko esisha kulo msebenzi wakhe oncomekayo.
Wamukele umsebenzi okhethekile kwiYoung Africans SC (Yanga SC), ookuyiqembu okwadumo kulo lowo obengumeluleki weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
UPitso Mosimane uthathwa njengomunye wabaqeqeshi abakhulu ezwenikazi, futhi usezakhele igama kuleli, eNorth Africa naseMiddle East.
I-CV yakhe yokuqeqesha iyazikhulumela: unezicoco ezinhlanu zePremier Soccer League neMamelodi Sundowns, ezintathu zeCaf Champions League neSundowns ne-Al Ahly, ezeCaf Super Cups, ezeNedbank Cup ezintathu, eseMTN8, nezimbili zeCarling Knockout.
Ngale kwe-Afrika, uqeqeshe i-Al-Ahli Saudi eyisusa esigabeni seFirst Division eyifaka kwesiphezulu eSaudi Arabia ngesizini ka-2022/23.
Useke wasebenza nakwi-Al Ahli Jeddah, Al Wahda, Abha, Esteghlal, ngisho naseqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana.
Yingakho ke kungazange kumangaze lapho iYanga SC — enye yamakilabhu amakhulu eMpumalanga Afrika — isondela kulo mqeqeshi oneminyaka engu-61 ubudala.
Icele ukuthi ayisize ekulolongeni abaqeqeshi bayo bakusasa – uMosimane uzosebenzisana nabaqeqeshi benkulisa yalo eyaziwa ngeYanga Soccer School.
Futhi uPisto Mosimane uyamukele ngenjabulo le nselelo. Umengameli weYanga uSaid Hersi ukuqinisekisile ukubambisana kwabo, wakubiza ngokuthi ‘wukuqopheka komlando’.
“Sikhulume nomqeqeshi uPitso Mosimane, owamukele isicelo sethu sokuhlinzeka ngokuqeqeshwa kwabaqeqeshi bethu abancane.
“Inhloso yethu ukusebenzisa ifilosofi yakhe yebhola ukuqinisa eyethu,” kuchaza uHersi.
Ngokusho kwale kilabhu, lo msebenzi ungowesikhathi eside futhi uzogxila ekuthuthukiseni ithalente elincane kuwo wonke amaqembu entsha.
FUNDA NALA | UNcikazi uphawula ngobudlelwano bakhe no-Ouaddou
Lolu hlelo ngeke luphelele eDar es Salaam, kodwa luzodlulela ezingxenyeni ezahlukene zeTanzania njengoba iYanga ihlose ukuhlonza nokukhulisa abadlali bebhola abasebancane abathembisayo.
“Lokhu kuzosisiza kakhulu ekukhuliseni amathalente, esingawasebenzisa emaqenjini ethu entsha,” kwengeza uHersi.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
