
Ibophele kanje iBafana Bafana koweCanada
Umqeqeshi weCanada, uJesse Marsch, uthi ulindele iBafana Bafana iqale ngamandla emdlalweni wayo womkhumulajezi weNdebe yoMhlaba neCanada ngeSonto ebusuku.
La maqembu womabili afinyelele esigabeni somkhumulajezi okokuqala emlandweni wawo.
IBafana iqede endaweni yesibili kuGroup A, kwathi iCanada yaqeda endaweni yesibili kuGroup B.
Nakuba iCanada ibhekwa njengentandokazi yokunqoba, uMarsch uthe iqembu lakhe kuzomele lidlale ngokusemandleni ukuze linqobe abafana bakaHugo Broos.
“Silindele iSouth Africa iqale umdlalo ngamandla, idlale ngesivinini futhi ibe nomdlandla omkhulu,” kusho uMarsch.
“Lona ngumzuzu omkhulu kubo, enhlanganweni yabo naseqenjini labo.
“UBroos wenze umsebenzi omuhle kakhulu wokubalungiselela – ngisho nangemuva komdlalo wokuqala lapho bathola khona amakhadi amabili abomvu bebhekene neMexico.
“Bakwazile ukubuyela emuva baqhubeka nokuba ngcono njengoba umqhudelwano uqhubeka.
“Siyawazi amandla abo futhi siyakwazi esikulindele kubona. Nathi sifuna ukuba sezingeni eliphezulu.”
Khonamanjalo, uHugo Broos usememezele abadlali abazoqala umdlalo neCanada eSoFi Stadium.
I-Bafana Bafana izothembela kakhulu eqenjini elinqobe iSouth Korea ngo 1-0 njengoba kwenziwe ushintsho olulodwa kulo.
Iqembu eliqalayo: Ronwen Williams, Khuliso Mudau, Ime Okon, Mbekezeli Mbokazi, Aubrey Modiba, Teboho Mokoena, Sphephelo Sithole, Relebohile Mofokeng, Oswin Appollis, Thapelo Maseko, Evidence Makgopa.
Ebhentshini: Sipho Chaine, Ricardo Goss, Thabang Matuludi, Ndamane, Samukelo Kabini, Nkosinathi Sibisi, Makhanya, Siyabonga Cross, Thalente Mbatha, Jayden Adams, Tshepang Moremi, Lyle Foster, Iqraam Rayners, Sebelebele.
- FUNDA NALA | ElaseTanzania embangweni kaJebaar
Lona kuzoba umdlalo wokuqala ngqa phakathi kwe-Bafana Bafana neCanada kwiNdebe yoMhlaba.
La maqembu agcina ukuhlangana emdlalweni wobungani ngo-2007, lapho iBafana yanqoba khona ngo 2-0 ngamagoli amabili kaTeko Modise.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
