
Usefunwa naseTanzania obekununuselwa ngaye iChiefs
Sekungene iqembu elikhulu laseTanzania embangweni wokusayinisa umdlali osanda kugabiselwa iKaizer Chiefs nosanda kushiya iStellenbosch FC ngemuva kokungazwani ngokwelula inkontileka.
U-Ibraheem Jabaar kusanda kuvela ukuthi abaphathi bakhe banike iChiefs naMaZulu FC ithuba lokumsayina.
Kodwa manje sekuvele ukuthi iSimba SC isikhulume nabamele lo mdlali, nakuba ingakafaki isicelo esisemthethweni sokumsayinisa.
Ngakolunye uhlangothi, AmaZulu nawo asezwakalise intshisekelo ngoJabaar, kodwa okwamanje kusabe nezingxoxo zomlomo kuphela, asikafakwa isicelo esisemthethweni.
Lo mdlali okwamanje akanaqembu, okusho ukuthi angajoyina noma yiliphi iqembu elimfunayo mahhala.
Kusazobonakala ukuthi yiliphi iqembu elizoshesha lifake isicelo esisemthethweni njengoba kungathi ayakhula amaqembu amfunayo.
UJebaar – odabuka eNigeria – ubonise ikhono elihle esikhathini asihlale kwiStellies nokwenze kumangaze ukudedelwa kwakhe.
Ekushiyeni kwakhe, bekulindeleke ukuthi amaqembu asheshe amnqake ikakhulukazi i-Kaizer Chiefs enikezwe kuqala ithuba lokumsayina.
- FUNDA NALA | IChiefs yelule inkontileka yebibolekise ngaye
Phela leli qembu laseNaturena lizihlela kabusha njengoba lizoqala inkathi entsha ngaphansi komqeqeshi omusha uFernando Da Cruz.
Okwamanje iChiefs beyisayine uThabo Moloisane obedlala naye uJebaar kwiStellies, kanti kusalindeleke imemezele abanye abadlali abasha.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
