Ezintsha

Ziyakhala kwiPSL: Abaqeqeshi bagajwa ngapha nangapha

Leli qembu elizinze e-Eastern Cape lixoshe uLuc Eymael ngemuva kwemidlalo embalwa ephethe, labuyisa uVusumuzi Vilakazi. 

U-Eymael ubelandwe nje bese kuke kwanemizamo eminingi engaphumelelanga kasihlalo weqembu uSiviwe Mpengesi yokumbuyisa kuleli.

UMpengesi wazithola esolwa kakhulu phambilini ezama ukubuyisa u-Eymael – waze wasatshiswa nangabaxhasi beqembu ukuthi bazomhlamuka.

Lokhu kwakungenxa yokuthi lo mqeqeshi wayesenephunga elibi kulandela ukuthi exoshelwe ukucwasa ngebala eTanzania la afanisa khona abalandeli nezimfene. 

Nokho isifiso sikaMpengesi sigcine siphumelele elanda lo mqeqeshi ukuzovala isikhala sikaSinethemba Badela noMusa Nyatama abebeqale isizini neChilli Boys. 

Ukuxoshwa kuka-Eymael kulandela lokho kukaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs emasontweni ambalwa edlule.

KwiMotsepe Foundation Championship nakhona ziyakhala, iBaroka FC iphinde yaxosha uDan Malesela, kwathi i-Upington City nayo yanqamula ubudlelwano bayo no-Abram Mongoya. 

UMusa Nyatama usethathe izintambo kwi-Upington City. Imenenja kaMongoya, uGerald Baloyi ikuqinisekisile ukuthi uMongoya ushiye kuleli qembu ngempelasonto.

Nokho akakwazanga ukudalula izizathu wathi basebenzela ukuhtola umsebenzi ozofanela kangcono lo mqeqeshi odabuka eLesotho. 

IKruger United nayo isale ingenaye umqeqeshi ngemuva kokuthi uVilakazi eyilahlile ukuze athathe umsebenzi weChilli Boys. 

UBaloyi uthe ngeke akuphike ukubuyela kwiKruger kukaMongoya, kodwa wathi okwamnje akukho zingxoxo ezikhona phakathi kwabo naleli qembu.