EzintshaKaizer Chiefs

UBaloyi nendlela iKaizer Chiefs engageza ngayo izinhliziyo zabalandeli 

Njengoba iKaizer Chiefs cishe izoqeda isizini ingenayo indebe, owayengunozinti uBrian Baloyi uthi leli qembu lisengabaduduza abalandeli.

Njengamanje Amakhosi asefomini enhle futhi asenqobe imidlalo emine kulandelana okubenze baqinisa indawo yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.

Nabalandeli bahambela phezulu, futhi basachazekile baze bakhohlwa wukuthi leli qembu alinandebe kule sizini.

Kodwa ngokusho kukaBaloyi ikhona indlela leli qembu elingabajabulisa ngayo abalandeli, libanike abazochoma ngakho nabo. 

Ekhuluma kuSoccerbeat Podcast, uBaloyi uthi uma iKaizer Chiefs ingahlula bobabili i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ingabe yenze kahle kakhulu emehlweni abalandeli. 

“Uma unesizini efana nalena, lapho ungawinanga sicoco, futhi akukho kungasekho okutheni okudlalelayo kowa usazodlala nePirates neSundowns…

“Okuwukuphela kwento abalandeli abangayifuna kuwe wukuthi ushaye iSundowns nePirates – lokho kungaba yinduduzo kubalandeli.

“Ngethemba ukuthi abafana bayakwazi lokho futhi bazozimisela ukuthi bakwenze, bashaye iPirates bashaye iSundowns,” kusho uBloyi. 

IKaizer Chiefs izodlala nePirates ngo-Ephreli 26 eFNB Stadium. Amakhosi ahlulwe ngo 3-0 emdlalweni womzuliswano wokuqala ngoFebhuwari. 

Azobe esebehlangana neSundowns ngoMeyi 6 ekuhambeni eLoftus Stadium ePitoli.