
Kungani uMaela ebona iPirates izoqeda isomiso seligi
Obengukaputeni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela, ukholwa ukuthi amaBhakabhaka anakho konke okudingekayo ukuze agcine enqobe isicoco seBetway Premiership kule sizini.
I-Orlando Pirates ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu angu-22 ngemuva kwemidlalo engu-10, kanti inemidlalo emibili esandleni.
Ilandela iMamelodi Sundowns — ehlezi eqhulwini kwilogi ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-12 – ngamaphuzu amathathu.
Yize lezi ziqhwaga zaseSoweto zinqobe izindebe kule minyaka embalwa edlule kodwa azikaze ziyiphakamise indebe yeligi kusukela ngo-2012.
Ngemuva kokuhlulwa emidlalweni yayo yokuqala emibili yeligi, i-Orlando Pirates isibuye ngamandla njengoba ingahluliwe emidlalweni eyisishiyagalombili kulandelana.
Lokhu kuyenza ibukeke iyimbangi eqinile nengakwazi ukuphuca iSundowns lesi sicoco seligi esisidle amahlandla ayisishiyagalolunye kulandelana.
“Kuningi okuhle,” kusho uMaela. “Sesivele siwine indebe kule sizini, futhi manje sesikomunye umdlalo wamanqamu.
“Sisalhona nasembangweni weligi, futhi sisazolwela iNedbank Cup. Kusangenzeka senze kahle kuzo zonke lezi zindebe.”
UMaela ukholwa ukuthi ukujula kweqembu kanye nosebenza kahle kwamaqhinga kwenza umkhankaso wale sizini uhluke.
“Babukeka benamandla ngempela kwiligi. Ukujula kukhona. Indlela abenza ngayo izinhlelo zomdlalo kusinika ukuzethemba ukuthi lena isizini yethu. Ngikholwa ukuthi kuzokwenzeka nakanjani.”
Uphinde wancoma abaphathi bekilabhu ngokuhlala beqoka ngendlela efanele uma beqasha umqeqeshi.
“KwiPirates, inqubo yokuqasha isezingeni eliphezulu. Ngisho noma imiphumela ingaqali kahle, siyazi ukuthi kungani belande lo mqeqeshi,” kusho uMaela.
FUNDA NALA | URiveiro uphawula ngokuthutha kukaNkota
“Bheka ukuthi iqembu lenza kahle kangakanani manje, indlela abafana abadlala ngayo, indlela yokudlala. Ubuholi buyazi ukuthi benzani — kade babekwenza.”
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
