
Isikhulu sePSL silale sibaliwe ngecala lokushaya intombi
Imnenja jikelele yePremier Soccer League (PSL) u-Andile “Ace” Ncobo uphinde walala ezikhindini ngoMsombuluko ngemuva kokuthi enqatshelwe ibheyili.
Umbuso usikhikisile isicelo sakhe sokudedlwa ngebheyili ngoMsombuluko ecaleni elishaqisayo lodlame lwasekhaya abhekene nalo.
UNcobo usolwa ngokushaya intombi yakhe, u-Anney Xala, oneminyaka engu-27 ubudala.
Le ntokazi esencane yamvulela leli cala, ithi wayishaya ngemuva kokuthi bebe nengxabano efulethini labo abahlala ndawonye kulo eKempton Park ngoJuni 28.
Unqatshelwe ukukhululwa ngokushesha njengoba abashushisi bekhale ngokuthi angase aphinde enze elinye icala ngoba usekujwayele lokho.
Phela uboshelwa leli cala lokushaya nje uvele ungaphandle ngebheyili ecaleni lokukhwabanisa nokushushumbisa imali lika-R15 million elihlobene nemali yePetroSA.
Umshushisi uTakalani Mukhumo utshele inkantolo ukuthi uNcobo “unokhanda ekwenzeni amacala,” ngakho ukumkhulula kuzothumela umyalezo ongafanele.
Lokhu kwenzeka yize ummangali, okuyintombazane evule icala, ebesejikile ecela ukuthi leli cala lihoxiswe.
UNcobo, ohola imali engaphezu kuka-R200 000 ngenyanga, unxuse inkantolo ukuthi imkhiphe ibheyili, wathembisa ukuthi ngeke ahxambukele kuleli cala.
Uthembise nokuthi ngeke abuyele kuleli fulethi abahlala kulo ukuqinisekisa ukuthi akahlangani nommangali.
Kodwa umbuso awuzange usajika, waxwayisa ngokusetshenziswa kabi kohlelo lwezobulungiswa.
Ulale ejele laseModderbee, kanti inkantolo kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo ngokuthi uyanikwa yini ibheyili ngoLwesibili, lukaJulayi 8.
