Ezintsha

Owaduma kwiChiefs uthola usizo lokuyeka izidakamizwa

Lokhu ukwenzele ukuze athile usizo njengoba kuthiwa unenkinga embi yokusebenzisa isidakamizwa esingavumelekile ebholeni.

Uma engabanjwa esisebenzisile, engazithola emisiwe isikhathi eside – noma ke axoshwe ngokugcwele – ebholeni elikhokhelayo.

Lokhu kungena kwakhe esikhungweni sosizo kuphawula esinye isahluko esidabukisayo njengoba wake wabonakala eya kude ngebhola lakhe lo mdlali.

Manje njengoba eseneminyaka engu-28 ubudala, uSekgota njengamanje udlalela i-Upington City FC kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngokokukhula kwakhe, ngabe uude manje emsebenzini wakhe, kodwa ukuziphatha kwakhe ngaphandle kwenkundla kuye kwasibekela ithalente lakhe.

Ngemuva kokubuyela eNingizimu Afrika ngo-2020, umsebenzi kaSekgota wakhula isikhashana ngesikhathi ejoyina iKaizer Chiefs ngo-2021.

Uze wadonsa amehlo abaqoki beBafana Bafana. Kodwa-ke, isikhathi sakhe eNaturana sagcina siphela ngokushesha. 

Ngemuva kokuphuma kwiChiefs, udlulele kwiStellenbosch FC, kodwa nakhona wadedelwa ngemuva kwezinyanga eziyisithupha ngokwephula imithetho yokuziphatha yeqembu. 

IMagesi FC ibe seyimlanda ngenhloso yokumnika elinye ithuba, kodwa nakhona kwa sona leso, wadedelwa esahlale izinyanga eziyisithupha kuphela. 

Manje esekwi-Upington City, kanti lo mdlali wasesiswini kubikwa ukuthi usethola usizo lochwepheshe ngethemba lokuguqula impilo yakhe.

Kunamahlebezi okuthi unenkinga yokuhuqa kakhulu insangu nokuyikho okwenze amaqembu abekuwo amhlamuke. 

Njengamanje usesikhungweni esisodwa nesisiza owayedlala kwiBafana uLerato Chabangu.

UChabangu yena ungene kulesi sikhungo eyobhekana nokuluthwa wutshwala.

Kubikwa ukuthi yena wenza kahle futhi useqalile ukwenza izifundo zokuqeqesha njengoba esehlela kabusha impilo yakhe.