Banyana BanyanaEzintsha

Isasasa iBanyana Banyana iqala ngokunqoba kwiWafcon

Ihlule iGhana ngo 2-0 emdlalweni wokuqala kaGroup C eHonneur Stadium e-Oudja, eMorocco ngoMsombuluko ebusuku.

Amagoli ashaywe uLinda Motlhalo noJermaine Seoposenwe esiwombeni sokuqala futhi abe nganele ukuthi iNingizimu Afrika inqobe.

IBanyana Banyana ukhombise ukuzola nokuba bukhali phambili ibhekene neqembu laseGhana eliqinile elibuyele kulo mqhudelwano okokuqala ngemuva kokunyamalala iminyaka eyisikhombisa.

Umdlalo uqale ngegiya eliphansi njengoba womabili amaqembu ebesazama ukutholana nokuzinza. 

Uze wavuleka ngomzuzu ka-28 ngesikhathi uNoxolo Cesane, obedlala umdlalo wakhe ka-50 kwiBanayna, edlaliswa kabi engaphakathi ebhokisini leGhana. 

UMotlhalo nguye osukumile wanamathisela ibhola enethini ukubeka iBanyana Banyana phambili nasethubeni lokunqoba.

Ngemuva kwemizuzu eyisithupha ukusuka lapho, uLebohang Ramalepe ugobe ibhola elihle, lahlangana noSeoposenwe obe eselinamthisela enethini kwaba u 2-0.

Ngaphambi kwekhefu, iGhana ibe namathuba ambalwa amahle. U-Alice Kusi uzame ukuzuma unozinti u-Andile Dlamini ekude.

UDoris Boaduwaa noGrace Asantewaa nabo bake bamuzwa uDlamini, kodwa bathola ukuthi uyaphila, futhi wawavimba amabhola abo. 

USeoposenwe ucishe wathola elakhe lesibili ngaphambi nje kwekhefu kodwa ibhola lakhe laceza kancane eceleni kwepali selimdlile unozinti.

Ngesiwombe sesibili iBanyana iqhubekile nokulawula umdlalo. USeoposenwe uphinde wacishe walishaya elinye igoli ngomzuzu ka-49, kodwa unozinti weGhana walivimba ibhola lakhe. 

IGhana ibe seyibuya ngamandla, futhi mhlawumbe yaliwe yinhlanhla ukuthi iqede lo mdlalo ingatholanga nelilodwa igoli. 

Emdlalweni olandelayo, iBanyana Banyana izobhekana neTanzania ngoLwesihlanu kusihlwa khona eHonneur Stadium e-Oudja.