
Ziku’loud speaker’ kuRulani Mokwena kwiWydad
Umqeqeshi we-Wydad AC, uRulani Mokwena, usengcindezi eyengeziwe ngemuva kokuthi iqembu lakhe liwashiswe ijezi kwiThrone Cup ngempelasonto edlule.
Ukuhlulwa ngo 1-0 yiMoghreb Atlético Tetuán ku-Round of 16 kusho ukuthi iWydad izoqeda isizini ngaphandle kwendebe.
URulani Mokwena ujoyine i-Wydad enethemba lokuphumelela emkhankasweni wakhe wokuqala kwiBotola Pro.
Kodwa izimbangi iRS Berkane sezisivele zimuke naso isicoco seligi. Izihola phambili ngamaphuzu angu-15 kanti alikho iqembu elisangayofica manje.
I-Wydad ishaye iFUS Rabat emzuliswaneni odlule. Kodwa ayikwazanga ukwakhela phezu kwalokho kunqoba.
Emdlalweni wangoMgqibelo, uThembinkosi Lorch uwuqalile umdlalo. UCassius Mailula yena uqale ebhentshini. Bobabili laba badlali bakuleli qembu ngokubolekiswa.
Ngemuva kokuhlulwa, uMokwena akazange azibambe. Usole ukuzinikela kwabadlali nokungabi nesifiso sokunqoba.
Uphatheke kabi kakhulu ngendlela iqembu elidlale ngayo ngaphambi kokuthi lingenelwe yigoli.
“Simoshe imizuzu engu-75 yonke,” kusho yena ngemuva komdlalo. “Ngibone isifiso sangempela sokunqoba ngemuva kokungenelwa yigoli.”
URulani Mokwena wengeze ngokuthi kudingeka izinguquko ezinqala kuleli qembu.
“Kumele siguqule isimo sengqondo nokuzinikela, abadlali, noma umqeqeshi,” kwengeza yena.
Ugcizelele ukuthi lokhu kuhlulwa akubanga ngenxa yamacebo akhe.
“Akuyona inkinga yokusebenza kwamaqhinga; inkinga yisimo sengqondo,” kuqhuba yena.
Uthi ubaxwayisile abadlali bakhe ngesikhathi sekhefu ukuthi umdlalo bengawunqoba. Kodwa bahluleka ukukwenza lokho.
“Uma ungawuthathi umdlalo, imbangi yona izowuthatha. Futhi yilokho okwenzekile.”
Njengoba iWydad isiphumile kule ndebe nesicoco seligi singasekho, sekunokungabaza okuningi eqenjini. Ngabe uMokwena uzohlala?
Into eyodwa esobala wukuthi kunezinguquko ezinkulu ezizokwenzeka kwiWydad AC futhi uRulani Mokwena angase azithole esephelelwe yitoho.
