
UGeorge Matlou uphawula ngekusasa lakhe kwiKaizer Chiefs
Umdlali wasesiswini we-Kaizer Chiefs, uGeorge Matlou, uthi akakaze akhulume namuntu ngokuthi usazoqhubeka kuleli qembu noma ngeke ngesizini ezayo.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uzophelelwa yinkontileka yakhe kwiChiefs ngoJuni.
Nokho kusazobonakala ukuthi leli qembu lizomnika yini inkontileka entsha – kodwa kubukeka emancane amathuba alokho.
UGeorge Matlou ube neshwa lokuphazanyiswa wukulimala kusukela ejoyine i-Kaizer Chiefs ngo-2022.
Kule sizini, ubuyile ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside, kodwa usaqale imidlalo emithathu kuphela kuyo yonke imiqhudelwano.
Lo mdlali wasesiswini usedlale imidlalo engu-12 esuka ebhentshini, okuhlanganisa noweNedbank Cup la beshaye khona i-Orlando Pirates kowamanqamu.
“Inkontileka yami isizophela kodwa ngiyishiyela kuNkulunkulu, mina ngingumuntu okhulele esontweni,” kusho uMatlou ngoLwesithathu.
“Eyenkontileka ngiyishiyela kuNkulunkulu nasethimbeni labaqeqeshi nebhodi elengamele iqembu…
“Kodwa yibhola leli, ngakho ngeke ngihlelele ikusasa manje.
“Ngigxile ekutheni sinqobe ngoMgqibelo ukuze siingene emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.”
UGeorge Matlou uthi akakaze akhulume ngisho nanemenenja yakhe ngekusasa lakhe.
“Ngingumdlali ongajwayele ukukhuluma nemenenja yakhe phakathi nesizini.
“Ngisuke ngifuna ukugxila ngayo yonke indlela eqenjini engilidlalelayo ngaleso sikhathi.
“Uma ngiqala ukucabanga ngenkontileka yami ngizolahlekelwa ukugxila emdlalweni wami.”
Lo mdlali wasesiswini we-Kaizer Chiefs uthe angathanda ukunqoba ezinye izindebe naMakhosi.
Ukunqoba iNedbank Cup kube yindebe yokuqala yeChiefs kwiPremier Soccer League eminyakeni eyishumi.
“Kusafanele ngiwine ezinye izindebe neqembu, bangenzele lukhulu futhi kufanele ngibabonge ngalokho,” kwengeza uMatlou.
“Bekuwumuzwa omuhle kimina (ukunqoba iNedbank Cup) … impumelelo eyodwa oyifunayo njengomdlali.
“Kube yimpumelelo enkulu kimina neqembu. Bekukhona izinkulumo cishe iminyaka eyishumi, blah, blah.
“Kodwa manje sengingumdlali ozoba semabhukwini omlando njengoba ngisize iqembu ukuwina indebe.”
Umdlalo wokugcina weChiefs kule sizini ungoMgqibelo eFNB Stadium la izobhekana khona nePolokwane City.
Leli qembu lisalwela ukuqeda isizini lingaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiBetway Premiership.
