DStv Premiership

UNasreddine Nabi uncoma umsebenzi wenkulisa yeKaizer Chiefs

Uthi lo msebenzi uwumhlahlandlela omuhle wekusasa leqembu njengoba ekhulisa abadlali ngendlela enhle, yokulwela ukunqoba. 

UKhumalo uhole Amakhosi amancane anqoba indebe yawo yokuqala yeDStv Diski Challenge.

Amakhosi amancane aqinisekiswe njengompetha balesi sigaba ngemuva kokunqoba ngo 3-0 kwiMagesi FC ngoMgqibelo. 

Leli qembu lenkulisa le-Kaizer Chiefs linqobe isicoco salo sokuqala kusasele imidlalo emibili kusongwe iligi. 

UNasreddine Nabi ukhulume ngale mpumelelo, wathi iyamjabulisa ngoba ikhomba ikusasa elihle kwi-Kaizer Chiefs yonkana.

Ukholwa ukuthi ukutshala umqondo yokunqoba kubadlali besebancane kuzoba nenzuzo enhle eqenjini esikhathini esizayo.

“Ukukhuluma iqiniso nje, yisikhathi esikhulu kakhulu lesi ekilabhini,” kusho uNabi ngaphambi komdlalo weChiefs endala neMarumo Gallants.

“Kubalulekile ukuthi umqondo wokunqoba utshalwe kubadlali besebancane. 

“Siyazi ukuthi bebesebenza kanzima, kufakwe imizamo emikhulu ekuthuthukiseni abadlali,” kwengeza uNabi.

Uhalalisele iqembu, wakhuluma ngokukhethekile ngomqeqeshi uVela Khumalo nomsebenzi omkhulu owenziwa yikilabhu ekuthuthukiseni abadlali. 

“Ngithatha lesi sikhathi ukuhalalisela bonke abadlali abebeyingxenye yalolu hambo olumangalisayo.

“Sihalalisela ithimba labaqeqeshi eliholwa nguVela ngomsebenzi omangalisayo abawenzile kule sizini.” 

Iqembu elikhulu laMakhosi lona likude kakhulu nesicoco seligi kwiBetway Premiership. 

Eqinisweni nje, lilwela ukubambelela endaweni yalo kwiTop 8 ukuze likwazi ukuvika ihlazo lokuqeda ngaphandle kwayo okwesibili kulandelana. 

Ukunqoba kulo mdlalo wayo neGallants oseFNB Stadium ngoMgqibelo ntambaa kuzoba wukhiye ukugcina umlilo wethemba uvutha.