EzintshaKaizer Chiefs

Kukhona la kuvuza khona kwiChiefs edlelwa ezikhulisele bona 

Laba badlali bagcine behlwithwa yizimbangi ngoba bebona umsebenzi wabo webhola ume ndawonye kuMakhosi.

Amakhosi aziwa ngokuba nezinsiza nengqalasizinda ephezulu kakhulu ebholeni lakuleli futhi izinkulisa zayo zikhiqiza amathalente amahle. 

Kodwa ukunyuswa kwabo besuka eqenjini elincane beye kwelikhulu kuhamba kancane futhi akuhambisani nezinsiza nengqalasizinda yeqembu.

Kumasizini akamuva ilahlekelwe uPuso Ditejane oye kwiTS Galaxy lapho esephenduke khona umdlali obalulekile futhi wadonsa amehlo abaqeqeshi beBafana Bafana. 

Kuthiwa uDitejane uphinde wadonsa amehlo ezinhloli ze-Orlando Pirates phakathi kwamanye amaqembu amakhulu ebholeni lakuleli.

IStellenbosch FC nayo yaya ukuyodoba enkulisa yaMakhosi futhi yathola u-Omega Mdaka osephenduke umdlali omkhulu eqenjini likaSteve Barker. 

IGalaxy iphinde yabuyela kwiChiefs ngesizini edlule yathola uKhulumani Ndamane futhi manje isezingxoxweni zokudayisa lo mdlali ngemali enkulu.

Kuthiwa uNdamane usezingxoxweni neMamelodi Sundowns mayelana nokudlulela kulezi ziqhwaga zasePitoli. 

Isivumelwano phakathi kweSundowns neGalaxy kuthiwa sesivele siqediwe, sekusele kuvumelane umdlali neqembu.

IGalaxy kule sizini isayine uNtando Nkosi ovela eqenjini leDDC leChiefs futhi ngethalente lakhe, naye kulindeleke ukuthi athuthukiswe kancane, bese edayiwa yileli qembu laseMpumalanga.

Futhi manje imibiko ikhomba ukuthi iGalaxy isibeke amehlo ayo komunye umdlali weChiefs okhulayo – umdlali wasemuva uXolani Cossa.

Kuthiwa ifuna ukuvala ngaye isikhala sikaNdamane, kanti naye akungabazeki uzophuculwa bese edluliselwa phambili ngemali ebhekile. 

Ngesikhathi amaqembu ezixebulela umkhoma enkulisa yeChiefs, yona imagange ngabadlali abakhuliswe yiCape Town Spurs.

Kumanje ingase igcine igijima izinkantolo ifuna ukusyaina o-Asanele Velebayi noLuke Baartman kodwa ibe inabo abayo ekhaya. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO