
Wehlile umthwalo, kodwa kusekude phambili kwiSundowns
IMamelodi Sundowns yehlise umthwalo wayo kodwa kusazomele isebenze kanzima ukuze ifinyelele kowamanqamu kwiCaf Champions League.
Leli qembu elizinze eChloorkop lidlale ngokulingana ngo 0-0 emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu ne-Al Ahly ngoMgqibelo ntambama.
AMasandawana yiwo abephethe umdlalo kodwa akuthola kunzima ukugqobhoza udonga lwasemuva lwe-Al Ahly obeluqinile.
Kodwa ukungangenelwa yigoli ekhaya kwenza kube ngcono kwiMamelodi Sundowns njengoba iya emlenzeni wasekuhambeni ngempelasonto ezayo.
Kuzoba yimpi enzima nokho. I-Al Ahly ikhombise amazwibela obuhlakani bayo ngesikhathi ihlasela ngokuzuma.
Kubonakalile ukuthi ingawenza umonakalo omkhulu, iqede amathuba eSundowns kulo mqhudelwano.
Eqinisweni, i-Al Ahly ike yalinamathisela enethini ibhola amahlandla amabili kodwa womabili kutholakale ukuthi ashaywe abadlali abebesendaweni engabafanele.
Elinye ibhola layo ebeliyingozi lishayise ipali selimdlile uRonwen Williams ngasekuqaleni kwalo mdlalo obuseLoftus Stadium.
Kodwa ngaphandle kwalokho, i-Al Ahly ibibukeka ikujabulele ukudlala ngokulingana ngethemba lokuqedela umsebenzi ekhaya ngoLwesihlanu.
IMamelodi Sundowns manje kuzomele ilwele ukunqoba noma ukudlala ngokulingana kodwa kube namagoli ukuthi idlulele kowamanqamu.
Uma umdlalo uphinda uphela kungenagoli, umphumela uyobe usunqunywa kumaphenathi.
