Ezintsha

Useqokiwe ovala esikaSeema kwiSekhukhune

Le kilabhu yaseLimpopo izithole igxekwa ngesikhathi ixosha uLehlohonolo Seema yize iqembu lisendaweni yesine kwilogi yeBetway Premiership. 

Ngaphezu kwalokho, iIBabina Noko isekhona emjahweni weNedbank Cup, kodwa abaphathi banqume ukuthi uSeema akenzi ngokwanele.

Okuxakayo nokho wukuthi baqashe u-Eric Tinkler othwale kanzima ukufukula iCape Town City.

UTinkler waxoshwa ngemuva kwemiphumela engagculisi. Kodwa manje usejutshwe ukuthi anyusele iSekhukhune United kwelinye izinga. 

Imemezela ukufika kwakhe ngoMsombuluko ntambama, iSekhukhune ukhiphe isitatimende esithi uTinkler ngumqeqeshi onempumelelo encomekayo.

Nokho okuwukuphela kwempumelelo yakhe ebonakalayo kuze kube manje kwaba wukunqoba kweMTN8 neCape Town City ehlandeli lakhe lokuqala ngo-2017. 

“Umqeqeshi omusha uyijwayele impumelelo njengoba eke wawina iMTN8 neTelkom Knockout.

“Uphinde wafinyelela kweyamanqamu eminingi kwiCaf Champions League neConfederation Cup kanye nemiqhudelwano eyahlukene yasekhaya.

“Indawo yakhe engcono aqeda kuyo kwiligi kwaba yindawo yesibili,” sifundeka kanje isitatimende.

Siphinde sicaphune usihlalo weqembu uSimon Malatjie encoma lo mqeqeshi oke wasebenza kwi-Orlando Pirates neSuperSport United. 

“Sizizwa sihloniphekile ngokuba nomqeqeshi onolwazi njengoTinkler ukuphatha lo msebenzi wethu,” kusho uMalatjie. 

UTinkler ufike nephini lakhe uMarc Van Heerden futhi wagcina uPaulos Masehe noNascent Nkwashu abebesethimbeni elidlule labaqeqeshi. 

Okwamanje akukacaci ukuthi kuzokwenzekani ngoKaitano Tembo obeyisethenjwa sikaLehlohonolo Seema kule kilabhini.  

Umdlalo wokuqala kaTinkler uzoba ngoLweisthathu la ezobhekana khona neMarumo Gallants esenza kahle ngaphansi komqeqeshi omusha.