
Uzakhele igama eqaqanjelwa yinhliziyo unozinti wePirates
Unozinti osemncane we-Orlando Pirates, uSiyabonga Dladla, kudingeke ukuthi akhohlwe wubuhlungu bebhliziyo okwesikhashana edlala okokuqala kuleli qembu.
Lo nozinti udlale umdlalo wakhe wokuqala futhi akangangenelwa goli ngoLwesibili ebusuku eziMnyama zibhekene neSuperSport United.
UDladla uzwakalise ukubonga kozakwabo nethimba labaqeqeshi futhi wahlonipha unina osanda kushona ngalo mdlalo wakhe omuhle.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ukhushulelwe eqenjini elikhulu le-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini.
Ubesuka eqenjini lenkulisa elidlala kwiDStv Diski Challenge la abedlala kahle nakhona.
UDladla uqaliswe lo mdlalo yize ebesebuyile ekumisweni unozinti oyisethenjwa kuleli qembu uSipho Chaine.
UMandla Ncikazi, obambe umsebenzi wokucija i-Orlando Pirates isikhashana, uqhubeke la kugcine khona uJose Riveiro ngokunika abadlali abasebancane ithuba.
UDladla kudingeke aliveze ikhono lakhe njengoba iSuperSport beyimxina ngamabhola kulo mdlalo weBetway Premiership obusePeter Mokaba Stadium.
Kodwa lo nozinti ukwazile ukuzibonakalisa esiza i-Orlando Pirates ukuthi iphume namaphuzu amathathu futhi ingangenelwanga goli.
Lo mfanyana odabuka eTshwane uvimbe amabhola amathathu amabi abethunyelwe yiSuperSport epalini lakhe kulo mdlalo.
Futhi ekhuluma ngemva komdlalo, ubonge ozakwabo ngokumeseka futhi wakhuluma ngokukhethekile ngokuhlonipha unina ongasekho.
“Angikwazi ukucela okungaphezu kwalokhu,” kusho uDladla kwi-Orlando Pirates TV ngemuva komdlalo.
“Kodwa engingakushi wukuthi ngibonga kakhulu ngokusekelwa engikutholile.
“Lo mdlalo ngihlonipha ngawo umama wami ngoba usedlulile emhlabeni.
“Ngakho-ke, lokhu kuqaliswa umdlalo kusho lukhulu kimi futhi ngethemba ukuthi ngisazokwenza okuningi kakhulu.
“Kubukeka kuthembisa khona. Bekungelula. Kodwa ngokuqhubeka komdlalo, ngizizwe ngiya ngokuba ngcono.
“Ukukhuthazwa engikuthole kozakwethu kungisize kakhulu. Ngithole ukwesekwa udonga lwami lwasemuva, nethimba labaqeqeshi.
“Bangisizile impela futhi bangenze ngaba nesibindi ngokuqhubeka komdlalo.”
IPirates ishaye aMatsatsantsa ngo 1-0 ngegoli likaMohau Nkota alishaye ngesiwombe sesibili.
Manje isizothatha uhambo olubheke eThekwini la iyobhekana khona naMaZulu FC ngoMgqibelo enkundleni yodumo iMoses Mabhida Stadium.
