
UYoussef usabisa iPirates ngeKaizer Chiefs ‘entsha’ kwidabhi
IKaizer Chiefs ayisafani. Lesi sixweyiso esishubile somqeqeshi uKhalil Ben Youssef asibhekiswe kwi-Orlando Pirates ngaphambi kwedabhi.
UYoussef ugcizelela ukuthi sebeyiqembu elihluke kakhulu futhi eliyilungele ngokuphlele inselelo yamaBhakabhaka ngeSonto.
IKaizer Chiefs yahlazeka kabi ishaywa ngo 3-0 emdlalweni wokuqala ekupheleni kukaFebhuwari.
Ngaleso sikhathi, ingcindezi yayinkulu ethimbeni labaqeqeshi, kunokungabaza amandla kaBen Youssef noCedric Kaze okuthwala leli qembu kuze kuphele isizini.
Kodwa uma ubheka manje, izinto sezijike kakhulu. IKaizer Chiefs iguqule isizini yayo ngendlela encomekayo kusukela lapho.
IKAIZER CHIEFS ISIVUKILE
Isinqobe imidlalo emihlanu kulandelana, yadlala ngokulingana kowodwa futhi kumanje izibeke ethubeni elihle lokuqeda endaweni yesithathu kwiBetway Premiership.
“Emdlalweni wokuqala besisesimweni esibi. Manje kunomehluko omkhulu,” kusho uBen Youssef kwabezindaba ngoLwesine.
“Iqembu lenze kahle kakhulu emidlalweni eyisithupha edlule — ukunqoba kahlanu nokudlala ngokulingana kanye.
“Kwidabhi iqembu elzizokwenza amaphutha ambalwa futhi elizimisele kakhulu yilo elizonqoba.”
Okusize iKaizer Chiefs ibuyelwe wumgqigqo nokuzethemba wukuba neqembu eliphelele sekubuye abebelimele.
“NgoFebhuwari saba nokulinyalelwa okuningi, futhi bekunzima ukwakha umqgigqo,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Manje sesisebenzise abadlali ababodwa emidlalweni eminingana. Uma kukhona lokho, ukwenza kahle nemiphumela kuyazizela.”
IKAIZER CHIEFS IYAYIBHAKUZISA INETHI
Abagadli beChiefs nabo babuyelwe yifomu njngoba sebehlohle amagoli angu-12 kule midlalo eyisithupha edlule.
Abadlali abafana noWandile Duba, uMduduzi Shabalala, uGlody Lilepo noFlavio Da Silva bazoba wukhiye njengoba kubhekwe kubo amagoli.
Yize ihlezi ngemuva kwePirates ngamaphuzu angu-12, iKaizer Chiefs ibambelele ngokuqinile endaweni yesithathu.
Kodwa kuBen Youssef, umdlalo waseSonto ungaphezu nje kwamaphuzu — unangokuziqhenya.
“Thina asinabo abalandeli, sinomndeni,” kusho yena. “Lesi yisikhathi sokuphinde sibajabulise.
“Sifuna ukubenza baziqhenye bese siqhubeka nokulwa kuze kube sekupheleni.”
Ngokwefomu, ukuzethemba, nomuzwa wokuziphindiselela, Amakhosi aya kwidabhi ngenkolelo evuselelekile — nesifiso sokuziphindiselela.
