EzintshaKaizer Chiefs

UYoussef uchaza eyokuqalisa u-Ethan Chislett isizini isitshekile

Nokho akubanga wusuku oluhle noluzokhumbuleka ngobuhle njengoba iStellenbosch FC ivele yenza kwaba muncu ishaya Amakhosi ngo 2-1 eFNB Stadium.

Ukuhlulwa kuphawula ukuphela kwemidlalo eyisishiyagalolunye Amakhosi engahlulwa emidlalweni yeligi.

Ukuhlulwa kwayo kokugcina kwiBetway Premiership kube ngoSepthemba nyakenye. 

Kuphinde kube nomthelela omkhulu ezifisweni zayo ngesicoco seligi futhi kwenzeke kusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kweSoweto Derby elindelwe ngabomvu.

Umqeqeshi waMakhosi uKhalil Ben Youssef udalule ukuthi isizathu sokuqala lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala ngesikhathi esibucayi sesizini.

Uthe kungenxa yokuthi usekulungele ukudlala futhi uyilwelile indawo yakhe eqenjini elinabadlali abangu-30.

“U-Ethan manje usekulungele ukulwela indawo yakhe; ubesebenza kanzima ejimini,” kusho uYoussef. 

“Sicabanga ukuthi manje yisikhathi esifanele sokumethula nokuqala ngaye imidlalo. Sethemba ukuthi uzolisiza iqembu.”

Edlala okokuqala, u-Ethan Chislett – osayinwe ngo-Agasti futhi wafika ethwelwe ngeqoma – ubonise inhlansana yangakwenza.

Nazi izinto ezihlalukile ngaye kulo mdlalo wakhe wokuqala kuMakhosi:

  • Unyawo oluhlukile: Uqale njengomdlali ohlanganisa iminyakazo yokuhlasela, exhumanisa abadlali basesiswini nomgadli uFlavio Silva.
  • Umthelela: Ubonise ukuthi kukhona okuhlukile eza nakho yize isivinini somdlalo besibuye sibe ngaphezu kwakhe.
    Nguye oqale umnyakazo ogcine uphethe ngegoli leChiefs elishaywe uFlavio Silva. 
  • Ikhono lokubona izikhala: Indlela abegebha ngayo ibonakale iyinhle, futhi uke wazithola enethuba elihle ngenxa yokubona izikhala.
    Nokho ibhola lakhe abelikhahlelile liphelele ezandleni zikanozinti weStellies. 
  • Umphumela: Naphezu “kokudlala kahle” kwakhe, iqembu lithwale kanzima ukugcina umfutho ngesiwombe sesibili.
    Lokhu kungenxa yokuthi ubesekhombisa ukukhathala okulindelekile kwazise ubedlala okokuqala.

IChiefs yenze kahle esiwombeni sokuqala futhi yabonakala isendleleni yokuphinda ithathe indawo yesithathu kwilogi.

USilva uyibeke phambili ngomzuzu ka-36, evalela phakathi ibhola ebeligtshwe uGlody Lilepo kwesokudla.

IStellenbosch, eholwa nguGavin Hunt, nokho ibuye seyingcono kakhulu ngesiwombe sesibili. 

ULangelihle Phili uyibuyisele emdlalweni ngegoli alishaye ngomzuzu ka-51 ngaphambi kokuthi uDevin Titus angcwabe iChiefs ngomzuzu ka-87. 

Sekungokwesithathu kule sizini iStellenbosch ihlula iChiefs njengoba iyiwashise ijezi kwiNedbank Cup neCarling Knockout Cup.

Ukuhlulwa kushiye iChiefs imile endaweni yesine, iphuthelwe yithuba elihle lokuvala igebe emaqenjini amathathu aphezulu.

Njengoba iSoweto Derby ihlelelwe lo Mgqibelo, ingcindezi kuBen Youssef noCedric Kaze isifinyelele ezingeni eliphezulu. 

IChiefs kuzomele isheshe idlule kulo monakalo owenziwe yiStellies njengoba izobhekana ne-Orlando Pirates efuna ukubuyisa umgqigqo wayo. 

Ngenkathi umdlalo wokuqala ka-Ethan Chislett unikeza abaqeqeshi okuhlukile uma kuhlaselwa, “inkinga yokushaya amagoli” isaqhubeka.

UYoussef udaze inkani uma ebuzwa ngale nkinga ekuqaleni kwesonto ngaphambi kwalo mdlalo wangoLwesibili.

Ngemuva komdlalo uvumile ukuthi benze amaphutha afanayo futhi bahluleka wukusebenzisa amathuba abo ukunqoba lo mdlalo kusekuhle.