EzintshaOrlando Pirates

Uyinhlanganisela kaYaya Toure noNgolo Kante uMariko weBucs

Lo mdlali waseMali oneminyaka engu-22 ubudala uqale ukubonakala eNingizimu Afrika ngesikhathi i-Pirates inqoba iPolokwane City ngo-2-0.

Lokhu kwenzeke emdlalweni weMTN8 obuse-Orlando Stadium eligcwele phama abalandeli ngoMgqibelo ntambama. 

Ngokungafani nabanye abebeqala ukubonakala edlubhe imibala yePirates, uMariko ubengemusha kule kilabhu kuphela – kodwa nasemehlweni abalandeli bakuleli.

Usayinwe kwiqembu elikhulu laseMali iDjoliba FC, lapho egqame khona emidlalweni yasekhaya neyeCaf Champions League.

UMariko ungene emizuzwini engu-20 yokugcina e-Orlando Stadium futhi akazange adumaze.

Ukuphasa kwakhe okuhle, iminyakazo ekhaliphile, nokuzethemba uma ephethe ibhola kwenze izihlwele zaseSoweto zamjabulela ngokushesha.

“Ukugqoka ijezi lePirates okokuqala kufane nokufezeka kwephupho elikhulu,” kusho mdlali kwabeOrlandopiratesfc.com.

 “Bengazi ukuthi ngimele umlando nokuziqhenya. Bekumele nginikeze konke enginakho.”

Ngaphambi kokungena enkundleni, amakhamera athwebule isikhathi esithinta inhliziyo – uMariko ephethe ijezi lakhe ecabanga buthule. 

“Bengicabanga ngakho konke ukuzinikela nokudizela okudingeke kimi ukuze ngifike lapha. Bengililungele leli thuba.”

Ubonge iDjoliba ngokumakha, futhi wabalula uYaya Toure noN’Golo Kante njengabadlali abamkhuthaza kakhulu. 

“I-Djoliba yangisiza ukuba ngikhule ngokobuchwepheshe nangokwengqondo. Yilapho ngafunda khona ukuba ngumdlali wezinga elikhokhelayo.”

Manje, lo mdlali osemncane wamukela ingcindezi nodumo oluza nokugqoka ijezi lodumo lePirates.

“Ukudlalela iPirates kungaphezuli kokudlala ibhola nje. Kumayelana nefa, ukuziphatha, nokuhlonipheka.”

IPirates njengamanje ilungiselela umdlalo wayo wokuqala weBetway Premiership la izobhekana khona neSekhukhune United ngoMgqibelo ngo-5.30pm.

Akungabazeki ukuthi uMariko ungomunye wabadlali abazobe bebhekwe kakhulu ngabalandeli.

Ngemuva komdlalo, abalandeli bamemeza amagama abadlali abasha bezobemukela kanti uMariko wabonakala ekuthokozela kakhulu lokho. 

“Kubalandeli – ngiyabonga ngokungamukela ngemfudumalo,” kusho yena. “Nizohlala nithola ukuzinikela okungu-100% kimi.”

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO