
UChisslett yinkunzi, iChiefs ayithenganga ‘ingulube isesakeni’
Umdlali osanda kusayinwa yiKaizer Chiefs, u-Ethan Chislett, uses isasasa kubalandeli, bechazwa abakubone kumavidiyo akhe emidlalo yaphambilini.
Kodwa manje lokhu abakubonile ngabe kuyikho ngampela noma leli qembu lidayiselwe ingulube isesakeni?
Umqeqeshi wakhe eqenjini asuka kulo, u-Andy Crosby uyakuqinisekisa ukuthi Amakhosi awathenganga ingulube isesakeni.
Lo mqeqeshi uchaze lo mdlali odabuka eThekwini njengomdlali onesiphiwo sobuchwepheshe futhi oneso legoli nekhono lokudlala noma empintshekile.
IKaizer Chiefs ikuqinise kuleli sonto ukufika kukaChislett, ehambisana noFlavio Silva noNkanyiso Shinga.
Bayingxenye yokwakhiwa kabusha kweqembu ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi ozoqala isizini yakhe yesibili.
Ukusayinwa kwakhe kuhambisane nokuhohoza kwabanye abalandeli abebelindele ukusayinwa kwabadlali abanegama.
Nokho lezi zinkunzi zaseSoweto zibonakala zizethemba ukuthi zithole inkunzi yihlobo kulo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala.
UChislett wazalelwa eThekwini, KwaZulu-Natal kodwa wakhulela e-England futhi ibhola lakhe lathuthukiswa khona.
Kumasizini amabili kwiPort Vale, uChislett ushaye amagoli angu-13 emidlalweni engu-68 yeligi — okuyisibalo esihle kumdlali wasesiswini.
Ekhuluma neSoccer Laduma, uCrosby uchaze ukuthi yini eyabaheha ngalo mdlali ngesikhathi bemsayinisa esuka kwiWimbledon ngo-2023.
“Ikhono lakhe lokufaka amabhola ezindaweni ezinhle, ikhono lokushaya iphasi enhle, nekhono lokukhahlelela ipali,” kusho uCrosby.
“Ubelokhu ethuthuka ngesizini yakhe yokuqala nathi, waya ngokukhululeka ekilabhini yakhe entsha nozakwabo nesitayela sokudlala esisha.”
IChiefs ike yaba nomdlali owasusa isasasa elicishe lifane phambilini ngesikhathi isayine uKearyn Baccus ngo-2019.
UBaccus naye wazalelwa eThekwini kodwa yena wakhulela e-Australia futhi waba nesiqalo esihle kuMakhosi.
Indlela ayenza kahle ngayo, abalandeli baze baqala bamfanisa nengwazi yekilabhu uDoctor Khumalo.
Abanye baze bathi kumele unombolo 15 owayekwa ukusetshenziswa ukuhlonipha uKhumalo, ubuyiswe, anikwe wona.
Kodwa lelo sasasa lasheshe lashabalala njengoba kwacaca ukuthi ikhono ebelinatshazwa kuNaccus kwabe kungumlilo wamaphepha nje.
UChislett, nokho, ufika nephrofayili ehluke kancane — ungumdlali odlala ngonyawo lwesokunxele onesifiso esikhulu sokuzibonakalisa ezweni azalelwa kulo.
Usevele uyingxenye yeqembu leKaizer Chiefs eliseNetherlands njengamanje la lilungiselela khona isizini entsha.
Abalandeli sebeyoze bambone kahle okokuqala uma iKaizer Chiefs seyidlala kwiToyota Cup ne-Asante Kotoko yaseGhana.
Lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoJulayi 26.
Kodwa uma umqeqeshi onjengoCrosby emncoma futhi eqinisekisa ithalente lakhe, abalandeli bazothemba ukuthi uChislett uzoba yiqhawe labo elisha.
