
Uyigadla ‘ngezintwana’ iSuperSport uJose Riveiro
U-Jose Riveiro uqhubekile nokuthembela kubadlali abasebancane kwi-Orlando Pirates, futhi ukhombise isibindi ebabohela emdlalweni omqoka weNedbank Cup.
I-Orlando Pirates izohlangana neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama emdlalweni okubhekwe ukuthi ushube futhi uthokozise abalandeli.
Kodwa uJose Riveiro ubeke ithemba lakhe kubadlali abafana noMbekezeli Mbokazi, Siyabonga Ndlozi, Rele Mofokeng noMohau Nkota ukuthi bawezele ezakhe emdlalweni owandulela owamanqamu.
UMbokazi noNdlozi baqale umdlalo wabo wokuqala eqenjini elikhulu kwiPirates ngoLwesithathu ngesikhathi behlula iChippa United ngo 1-0 emdlalweni weligi.
Futhi njengoba uDeano Van Rooyen esebuyile eqenjini ngemuva kokulimala okuncane, bekulindeleke ukuthi uJose Roveiro ambuyisele eqenjini.
- SITHOLE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
Nokho akwenzekanga lokho njengoba eqhubeke noNdlozi kwesokudla emuva, okuyindawo ayidlale kahle ngoLwesithathu.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain ukhombisile ukuthi uyawakholelwa kumathalente abadlali abasebancane.
UPatrick “Tito” Maswanganyi naye usebuyile eqenjini, kodwa uqale ebhentshini kulo mdlalo wangoMgqibelo.
Esikhundleni sakhe kuzoqhubeka uNkota ongene eqenjini eliqala imidlalo. Naye udlale kahle ngoLwesithathu.
UMofokeng yena uvele ke ungumdlali ohlale ekhona eqenjini. UMbokazi udlala ngaphambi kukakaputeni weqembu u-Innocent Maela.
Naye uMbokazi uzifake ezinhliziyweni zabalandeli ngokudlala kahle bebhekene neChippa, ekhombisa ukuba nesibindi emuva maphakathi nenkundla.
Futhi njengoba uNkosinathi Sibisi engekho ngenxa yokumiswa, uTapelo Xoki ubuyele ohlwini lwabaqala umdlalo futhi ungukaputeni weqembu.
IPirates ibheke ukuvikela iNedbank Cup esiyinqobe kulandelana kumasizini amabili edlule.
Uma kwenzeka beyinqoba okwesithathu, bazoyigcina unomphela indebe njengoba benzile ngeMTN8 ekuqaleni kwale sizini.
Ibophele kanje iPirates: Chaine – Ndlozi, Mako, Xoki, Mbokazi – Mbatha, Makhaula – Mofokeng – Nkota, Hotto, Makgopa.
Ebhentshini: Bulethelezi, Maswanganyi, Shandu, Maela, Mosele, Mabasa, Dlamini, Ndlondlo, Van Rooyen
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
ISuperSport yona ibophele kanje: Goss – Mobbie, Okon, Ndebele – Lungu, Baliti, Moralo, Mabode, Ndlovu – Quaicoe, Dzvukamanja
Ebhentshini: Mbanjwa, Mbangaossoum, Moloisane, Grobler, Rapoo, Nkosi, Hlatshwayo, Pule, Saile
