
UYanela Mbuthuma ngempilo kwi-Orlando Pirates, ‘kuhle konke’
Umgadli omusha we-Orlando Pirates, uYanela Mbuthuma, uphila iphupho lakhe futhi ujabule ngendlela engachazeki.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala, ojoyine iziqhwaga zaseSoweto esuka kwiRichards Bay, usanda kubuya ohambweni lwakhe lokuqala lwamazwe ngamazwe namaBhakabhaka.
UYanela Mbuthuma ubeyingxenye yeqembu le-Orlando Pirates ebelisekhempini youlungiselela isizini eSpain – futhi bekungokokuqala eya ngaphandle kweNingizimu Afrika.
Futhi njengamanje izinto zihamba ngendlela akade ayeyifisa lo mgadli osemncane weBafana Bafana – uthi ngathi yiphupho.
“Kuze kube manje, kumaBhakabhaka, konke kuhle. Konke kulungile. Ngiphethwe kahle lapha, futhi anginazikhalo,” uMbuthuma utshele iSuperSport.
Lo mdlali odlala phambili usayine inkontileka yeminyaka emihlanu nePirates futhi ulungiselela ukulwela indawo yakhe eqenjini eliqala imidlalo.
IPirates iqine kahle phambili njengoba ibivele ibophele oTshegofatso Mabasa, u-Evidence Makgopa, uZakhele Lepasa noBoitumelo Radiopane.
Kodwa kuYanela Mbuthuma, uhambo ne-Orlando Pirates luza kahle, futhi uzizwa engumdlali okhethekile.
Uveze ukuthi umuntu wokuqala amtshela ngokusayinwa kwakhe yiPirates ngugogo wakhe.
“Uyena lo engikhulele kuye, ngakho kwadingeka ngitshele yena kuqala,” kusho uMbuthuma ngokuziqhenya.
“Ngamtshela ukuthi nginezindaba ezinkulu… ukuthi sengizodlala esiteji esikhulu seqembu elikhulu. Wajabula kakhulu,” kuqhuba uMbuthuma.
Uthe ugogo wakhe wamangala futhi wayengakholwa, waze walokhu embuza ukuthi uyadlala yini noma yiqiniso leli amtshele lona.
UMbuthuma uphinde waveza ukuthi wake wadlala njengonozinti ngaphambi kokuthola ukuthi muhle kakhulu ekushayeni amagoli, hhayi ukuwavimba.
Uthe uma kwenzeka unozinti wePirates ethola ikhadi elibomvu ekhona yena enkundleni, engalibamba ipali.
Njengoba sekusondele isizini entsha, uYanela Mbuthuma uthembisa abalandeli be-Orlando Pirates ukuzikhandla nokuzinikela ngaso sonke isikhathi esenkundleni.
“Abalandeli bengalindela ukuzinikela kimi njalo uma ngingena enkundleni.” Isahluko esisha siyaqala — kanti uMbuthuma usilungele.
